EzintshaOrlando Pirates

Imenenja iphawula ngekusasa likaMbule kwiPirates

Ikusasa lomdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uSipho Mbule alicaci njengoba kusondela izinsuku zokuphela kwenkontileka.

Imenenja yakhe uMike Makaab isikuqinisekisile ukuthi isinqumo sokugcina manje sisezandleni zalezi ziqhwaga zaseSoweto.

USipho Mbule ujoyine i-Orlando Pirates ekuqaleni kwesizini futhi ukufika kwakhe kususe isasasa elikhulu. 

Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ekuqaleni ubebukeka ezovuselela ibhola lakhe kumaBhakabhaka. 

Udlale imidlalo engu-23 kuyo yonke imiqhudelwano, washaya igoli elilodwa futhi wabuyela nakwiBafana Bafana. 

Nokho kuthe uma kuqhubeka isizini kwaqala kwabhimba, wagcina engasabaonakali eqenjini leziMnyama uma zidlala. 

“Kufanele uqonde ukuthi abaqeqeshi babona abadlali ngendlela ethile,” uMakaab usho kanje kwi-iDiski Times.

“Uma ubheka lokho i-Orlando Pirates ekuzuzile kule sizini, inqoba iligi nezindebe ezimbili, bebazi kahle ukuthi benzani.”

UMakaab wengeze ngokuthi wonke umqeqeshi unombono othile nesitayela sakhe sokudlala.

Futhi ekugcineni kuwumthwalo wabo ukunquma ukuthi yibaphi abadlali abangena kulolo hlelo.

Inkontileka kaSipho Mbule ekhona njengamanje kwi-Orlando Pirates izophela ngoJuni. 

Kusele imibuzo yokuthi uzoqhubeka yini kwiPirates ngesizini ezayo. 

Kodwa uMakaab uveze ukuthi iqembu yilo elizonquma ngoba linombandela kwinkontileka yalo mdlali.

“Angikwazi ukuphawula ngalokho ngoba ikilabhu inombandela wokuyelula ozoze uphele uma kusongwa uMeyi,” kuqhuba uMakaab.

“Noma ngabe yisiphi isinqumo essizothathwa, kuzofanele ngisihloniphe.”