EzintshaKaizer Chiefs

Igaxelephi eyeChiefs noVelebayi? Isikhulu siyachaza

  • Intatheli yeLISENETHINI

Ngokusho kwesikhulu esiphezulu seSpurs, u-Alex Efsthathiou, iChiefs ikhulume nabo ifuna lo mdlali wasesiswini osezingeni eliphezulu, base beyinikeza ukuthi babheke into engakanani ngaye. 

Ekhuluma nomsakazi weMetro FM u-Andile Ncube kuleli sonto, u-Efstathiou ukuqinisekisile ukuti lamaqembu ake axoxa ngokudayiselana. 

Uthe batshela iChiefs ukuthi bafunani ngoVelebayi, leli qembu laseNaturena labuya selizozikhalela kodw akwasho ukuthi liphethe okuncane kakhulu, balichitha. 

“Sinomuzwa wokuthi sabiza imali efanelekile,” kusho yena. “Basibuza ukuthi sifunani sabe sesibatshela. 

“Njenganoma yiliphi elinye iqembu, kumele babuye nesicelo sokwephulelwa bese sivuma noma singavumi. Yilapho esikhona njengamanje.

“Selokhu sanqaba isicelo sabo sokuqala, asiphindanga sezwa lutho kubo. 

“Bayakwazi esikucelile. (Okwabekwa yiChiefs) bekungasondeli nakancane kulokhu esikubekile.”

U-Efsthathiou uthe bayayazi into abanayo kuVelebayi, futhi abazimisele ukuyidedela uma isicelo singahambisani nabo.

“Ngenxa yokuthi sesihlale isikhathi eside kulo mdlalo, siyazi uma sinedayimane kanti u-Asanele uyidayimane,” usho kanje.

“Amadayimane awathengiswa ngemali encane, ngeshwa akunjalo. Uma ungalithandi idayimane, ungalithengi. 

“Akekho okuphoqa ukuthi ulithenge… Ungadlulela phambili, ubheke amanye amadayimane kwenye indawo.

“Siyaluqonda uhlelo lwethu lwebhizinisi, siyakuqonda ukuthi yini edingekayo ukuthuthukisa umdlali ngokwezezimali. Akushibhile neze. “