EzintshaKaizer Chiefs

Okushiwo uBarker ngesimanga sikaFiacri Ntwari weChiefs

UFiacri Ntwari ube sematheni ngempelasonto kulandela ukwenqaba kwakhe ukuphuma kade ekhishwa emdlalweni weCarling Knockout Cup obuphakathi kweStellies neChiefs. 

Abaqeqeshi beChiefs bebefuna ukumkhipha ukuze kungene uBruce Bvuma ayovimba amaphenathi njengokuhlela kwabo kwangaphambi komdlalo.

Manje owayengumdlali we-Orlando Pirates, uMichael Morton usedalule okwashiwo uSteve Barker uma ebuzwa ukuthi engamisa kanjani uma kungaba nesimo esifanayo eqenjini lakhe. 

“Ngiyazi lokhu engizokusho kungangisusela izinkulumo,” kusho uMorton kwiPodcast yakhe kuleli sonto.

“Ngemuva komdlalo ngaya esithangamini nabezindaba la umqeqeshi weChiefs ebuzwe khona ngokuthi kwenzekeni (ngoNtwari).

“Wabe esethi yinto abazoyikhuluma ngaphakathi eqenjini okuyindlela yokucacisa ukuthi akuyona into abazoyikhuluma esidlangalaleni. 

“Okwathatha amehlo nokho wukuthi uSteve Barker wabuzwa naye ngalesi siga, kwathiwa uma kungaba nomdlali onqaba ukukhishwa eqenjini lakhe engenza kanjani.

“Yena uvele walibeka ngembaba nje elokuthi ngeke ayibekezelele leyonto eqenjini lakhe futhi akekho nje umdlali ongayicabanga.

“Ngokwami lokho bekusho lukhulu ngoba bekuqonde ukuthi ngiyabazi abadlali bami, nendlela yokuziphatha eqenjini ngakho lokho ngeke kwenzeke eqenjini lami.

“Angazi lokho kuchaza ukuthini ngesimo kwiChiefs njengamanje kodwa impela khona yisimo esihehayo.” 

Ngemuva kwalesi siga sakhe, abanye babalandeli beChiefs banxenxe le kilabhu ukuthi ivele imkhombe indlela lo nozinti.

Bamsola ngokuthi ubaqhathe nenduku njengoba ahluleka ukuwavimba amaphenathi – uvimbe eyodwa, iChiefs yagcina ikhale ngaphansi.