Bafana BafanaEzintsha

UYaya Sithole ubhoboka ngenselelo abhekane nayo elimele

Uvumile ukuthi wake wesaba ukuthi umsebenzi wakhe webhola usuphelile ngemuva kokuphuka kabili emelnzeni ngonyaka odlule.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala waphuka ngesikhathi eshayisana kabi nomunye umdlali bebhekene neSouth Sudan emdlalweni wokuhlungela i-Afcon. 

Ukulimala kwakhe bekukubi kakhulu futhi kwaqeda ngesizini yakhe abebolekiswe kuyo kwiGil Vicente esadlale imizuzu engu-51 nje kuphela.

Kodwa manje, ngemuva kwezinyanga ezicishe zibe yishumi engadlali, uYaya Sithole usebuyile — ubuyele eqenjini lakhe iTondela, kanti nakwiBafana usebuyile.

“Ngithanda ukubonga uNkulunkulu ngokunginika ithuba lokuphinda ngidlale ibhola,” usho kanje uSithole ekhuluma nabeSafa Media.

“Lokhuya kulimala… Ngangicabanga ukuthi mhlawumbe sekuwukuphela komsebenzi wami ebholeni. Kodwa ngenhlanhla, ngilapha futhi, sengibuyile eqenjini.”

Lo mdlali ophuma esikhungweni iKwaZulu-Natal Academy usehlale iminyaka eyisishiyagalolunye ePortugal kusukela ejoyine iSporting Lisbon ngo-2017.

Uthi inselelo enkulu abebhekene nayo ngesikhathi elimele wukuqina ngokomqondo ngaphezu kwezinhlungu abezizwa emlenzeni wakhe.

“Bekunzima ngokomqondo ngoba uma ulimele, awukwazi ukusiza iqembu. Ongakwenza nje wukuthumela imilayezo yokuseka ozakwenu. 

“Bengilokhu ngibabuka nje abafana bedlala futhi ngikhomoza ngikude nabo.”

Manje usekulungele ngokugcwele futhi uzimisele ngokubuyisa indawo yakhe eqenjini likaHugo Broos.

Kulindeleke ukuthi uYaya Sithole abambisane noTeboho Mokoena esiswini maphakathi nenkundla uma iBafana Bafana seyibhekene neZimbabwe ngoLwesihlanu.

La mazwe womabili azohlangana eMoses Mabhida Stadium emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba okumele nakanjani iBafana iwunqobe.