
Iliqedile ishobolo iChiefs ivuka ngeZwolle
IKaizer Chiefs igcine inqobile ohambweni lwayo lwaseNetherlands ngesikhathi ihlula iPEC Zwolle ngo 1-0 emdlalweni wobungani obushubile ngoLwesibili kusihlwa.
Umqeqeshi uNasreddine Nabi uqhubeke nohlaka olufanayo nalusebenzise behlulwa ngo 1-0 yi-NEC Nijmegen ngempelasonto.
IChiefs idlale kangcono kunayo yonke imidlalo esayidlalile kulolu hambo lwayo lokulungiselela isizini.
Nokho bekungeluba futhi iZwolle icishe yahamba phambili ngemuva kwephutha likaMduduzi Shabalala linikeze eliyiphe ithuba ngomzuzu ka-15.
IChiefs iye ngokukhula kulo mdlalo, kwathi uFlavio Da Silva walibhamuza phezu kwepali ibhola elihle abelitholile ngemuva kancane ngomzuzu ka-30.
IZwolle iphinde yacishe yalishaya igoli ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini, kodwa umgadli wayo wahlulwa yithuba elihle eseeduze.
Umfutho wenyukile kwiChiefs ngemuva kwezinguquko ezimbalwa esiwombeni sesibili.
UShabalala uqhulule ishodi ngomzuzu ka-53, lazishayisa epalini labe seliwela phambi kukaNaledi Hlongwane walinamathisela enethini.
UHlongwane ungene endaweni kaDa Silva esiwombeni sokuqala, futhi wafike waba nomehluko obonakalayo awenzayo.
IZwolle izamile ukubuya ngasekupheleni komdlalo futhi uBruce Bvuma uyigeze igilo evimba amabhola amabili abemabi.
Amakhosi abambelelile kwaze kwaba umdlalo uyaphela futhi athola ukunqoba kokuqala okuzobuyisa ukuzethemba eqenjini.
IChiefs izodlala neFC Twente ngoLwesithathu emdlalweni wayo wokugcina kulolu chungechunge lokuzizwa amandla eNetherlands.
WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO
