EzintshaKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs isiyavutha – uKaze uveza okumkhathazayo

UCedric Kaze usexwayise iKaizer Chiefs ukuba izithobe yize seyibuyele emgqigqweni wayo, yanqoba imidlalo emine kulandelana.

Amakhosi adlale kahle ngesikhathi eshaya iTS Galaxy ngo 2-0 eFNB Stadium ngeSonto, okwenze aqinisa indawo yawo yesithathu kwilogi. 

Lo mphumela ukhombisa ushintsho olukhulu kwiKaizer Chiefs, esibuye ngamandla ngemuva kwesikhathi esinzima ngasekuqaleni kwalo nyaka. 

Ukunqoba kwiDurban City, iMagesi, i-Orbit College neGalaxy sekubuyise ukuzethemba eqenjini nakubalandeli.

Kodwa uKaze ugcizelela ukuthi kusamele kuqhutshekwe nokusebenza ngokuzikhandla ngoba insimu ayikakhathulwa.

“Sidinga ukugcina lo mgqigqo — sigxile ekuziqeqesheni, ekululameni, nakukho konke esikwenzayo,” kusho lo mqeqeshi. 

“Asikwazi ukuphumula. Kufanele sithuthuke nsuku zonke futhi sihlale sigxilile ngazo zonke izikhathi.”

Lo mqeqeshi uphinde waphawula nangokubuya kwabadlali abamqoka ekulimaleni, ethi kuzosiza ukunyusa izinga.

“Ukuba nabadlali abafana noKhanhyisa Mayo, Ox Mthethwa, Ethan Chisslet, Given Msimango noBradley Cross kuyasiqinisa. 

“Kwenza iqembu libe namandla ngayo yonke indlela,” kwengeza uKaze.

IKaizer Chiefs ibonakale ingcono kakhulu ngemuva kokungena kukaChislett esuka ebhentshini.

Njengoba umfutho usukhona, Amakhosi asevukile futhi asesayilwela indawo ykubuyela emiqhudelwaneni yeCAF.