EzintshaKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs isivuselele intshisekelo kumgadli wase-Uganda

IKaizer Chiefs kuthiwa isivuselele intshisekelo yayo kumgadli wase-Uganda odlala kwizikhondlakhondla zaseTanzania iSimba SC njengamanje. 

Amakhosi aqale ukumataniswa nalo mgadli wase-Uganda uSteven Dese Mukwala ngaphambi kokuqala kwale sizini.

Imibiko eyayivela eTanzania ngaleso sikhathi yathi oengumqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, wahambela kuleli zwe eyozama ukunxenxa lo mgadli ukuthi amjoyine eNingizimu Afrika. 

Nokho akukho sivumelwano esenzeka futhi uMukwala wasala kwiSimba. Kukholakala ukuthi lokhu kwakungenxa yokungaqiniseki ngekusasa likaNabi ngaleso sikhathi.

UNabi ugcine exoshiwe kwiChiefs kanti njengamanje umsebenzi ubanjwe abebengamaphini akhe oCedric Kaze noKhalil Ben Youssef.

Kodwa manje iPhakaaathi ibika ukuthi umthombo wayo oseTanzania uthi iChiefs isazimisele ngokusayina lo mgadli oneminyaka engu-26 ubudala.

“IKaizer Chiefs isamthanda kakhulu uMukwala. Ifuna ukumsayina ngoJanuwari kanti iSimba nayo ivulekele ukumdayisa uma nje imali iyinhle,” kusho lo mthombo.

UMukwala, oqale umsebenzi wakhe webhola elikhokhelayo kwiVipers kwi-Uganda Premier League, useke wadlalela iMaroons FC ne-URA FC phambilini. 

Uphinde wahlala unyaka eGhana la abedlalela khona i-Asante Kotoko ngaphambi kokudlulela eTanzani lapho engomunye wabagadli abahamba phambili njengamanje.