EzintshaKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs isise ngabathembisayo, abeqiwa yijezi

Laba bobabili bakhishwe ngokuyosiswa kwiSiwele FC edonsa kanzima. Bazohlala isizini yonke kuleli qembu elisha kwiBetway Premiership.

KuHappy Mashiane, lesi sinyathelo simnika ithuba lokuvuselela umsebenzi webhola obulokhu uthembisa kodwa engawubambi umgqigqo. 

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala uphuma esikhungweni sokukhulisa amakhono seKaizer Chiefs futhi wake wabonakala njengesihlabani sakusasa. 

UMashiane, owaziwa ngejubane lakhe nesitayela sokuhlasela esiqondile kwesokunxele, ubelokhu khombisa ukuthi unekhono elihle kodwa aphelele emoyeni. 

Izibalo zakhe nazo ziveza isithombe somdlali obezabalaza ukuthola indawo eqenjini eliqala imidlalo. 

Emidlalweni engu-89, unamagoli ayisithupha kanti wakhele ozakwabo amane – lezi zinombolo zakhe azilivezi ngokugcwele ithalente analo. 

Ukuthuthela kwiSiwele FC kungaba yithuba abelidinga ukuze athole ukudlala njalo futhi aphinde athole ifomu yakhe.

Khonamanjalo, uSamkelo Zwane, umdlali wasesiswini oneminyaka engu-23 ubudala, naye ulibangise kuleli qembu laseBloemfontein. 

Ukuthuthuka kukaZwane bekubhekwe ngabomvu ngabalandeli beKaizer Chiefs, abaningi bembona njengozogcina eyinjini yeqembu esiswini maphakathi nenkundla. 

Kusukela eqale ukudlala eqenjini elikhulu, usedlale imidlalo engu-55. Naphezu kwekhono lakhe, ubehluleka ukungenza azinze eqenjini eliqala imidlalo. 

Lokhu kubolekiswa kwakhe kungase kumnikeze ithuba elihle lokukhombisa amakhono akhe futhi akhule njengomdlali, eqenjini elingenayo ingcindezi enkulu njengeChiefs.