EzintshaKaizer Chiefs

IKaizer Chiefs ibusisa abalandeli bayo baseKZN 

IKaizer Chiefs isinikeze abalandeli bayo baKwaZulu-Natal ithuba lokubuka leli qembu bukhoma emdlalweni walo wokugcina weBetway Premiership kule sizini.

Umdlalo waMakhosi neChippa United ngeke usaba seFNB Stadium njengoba bekukade kuhleliwe phambilini.

Lo mdlalo usuzoba senkundleni yodumo iMoses Mabhida eThekwini lapho Amakhosi ejwayele ukuheha khona abantu abaningi.

Lesi sinqumo simiselwe ukusondeza Amakhosi kubalandeli bawo baseKZN, abangavamisile ukuthola ithuba lokubona leli qembu bukhoma.

Amathikithi alo mdlalo kulindeleke ukuthi adayiswe aphele njengoba iKaizer Chiefs yaziwa ngokwesekwa okuhle eThekwini.

Kodwa ngaphambi kwalowo mdlalo, Amakhosi asenemidlalo emithathu okumele ayidlale.

Azoqala ngesivivinyo esinzima emdlalweni la ezibhekana khona neMamelodi Sundowns ngoLwesithathu ebusuku.

Lo mdlalo ungase unqume ukuthi isicoco siyakuphi njengoba umphumela wawo ubaluleke kakhulu embangweni waso.

Uma iKaizer Chiefs ingayishaya iSundowns, kungabe yenzele omakhelwane bayo i-Orlando Pirates ufefe olukhulu.

Kodwa uma ithola induku, kuyobe sekucacile ukuthi isicoco sibuyela kubokwaso eChloorkop.