
IDowns imunyunga amaqhwa ngophelelwa yinkontileka
USipho Mbule ulinde ukucaciseleka ngekusasa lakhe kwiMamelodi Sundowns, kodwa ngeke aziswele izesheli uma ededelwa.
Inkontileka yakhe kwiDowns iyaphela ngoJuni, kodwa ikilabhu inombandela wokuyelula.
Kodwa kuvela ukuthi kuze kuma manje. Awukho umnyakazo owenziwe yilezi zinkunzi zasePitoli ukukhombisa isifiso sokumgcina.
UMbule ubolekiswe isizini yonke kwiSekhukhune United. Usebe nomthelela omkhulu kuleli qembu elicijwa uLehlohonolo Seema.
ISundowns imbolekise ngemuva kokucaca kokuthi ijezi ngeke alithole ngendlela afisa ngayo kule sizini.
Selokhu ajoyina iSundowns ngoJulayi 2022, udlale imidlalo engu-51, washaya amagoli amathathu.
Uqale imidlalo engu-22, eminye ubeyidlala esuka ebhentshini.
KwiCaf Champions League, uqale imidlalo emihlanu, kwaba owodwa kwiMTN8, emibili kwiNedbank Cup, nengu-15 kuligi.
KwiSekhukhune useqale imidlalo engu-10 kuyo yonke imiqhudelwano. Ushaye amagoli amabili.
Isivumelwano sokubolekiswa kwakhe asinawo umbandela wokuthi athengwe ngokugcwele, futhi akucaci ukuthi iSekhukhune ifuna ukumgcina yini.
Ngemuva kokudlala kahle ngesikhathi behlulwa yi-Orlando Pirates ngo 2-1, uMbule uzokwethemba ukuthi uzoyiqeda ngamandla isizini.
Ozakwabo abangomakadebona uLinda Mntambo noThabang Monare bambize ngomdlali ovelele eqenjini.
UDaniel Cardoso naye ukholwa wukuthi unekhono elifanele ukuyodlala e-Europe.
Futhi kuyacaca ukuthi uma iSundowns inquma ukungayivuseleli inkontileka yakhe, ngeke ashodelwe yizesheli.Â
