
U-Ouaddou ucacisa okusashoda ngePirates yize seyingcono
Usale ejabule ngomphumela umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou njengoba umdlalo wangoLwesithathu ukhombise ukuthi ikhona inqubekela phambili.
IPirates inqobe umdlalo wayo wesibili kwiBetway Premiership ishaya i-Orbit College ngo 1-0 e-Orlando Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Nokho lo mqeqeshi odabuka eMorocco akakaneliseki ngezinto ezithile. Lokhu ukuveze ekhuluma ngemuva komdlalo.
“Ngijabule kakhulu ngomphumela. Ngibongela abadlali ngoba akulula ukudlala kahle ngemuva komdlalo onzima njengalo weMamelodi Sundowns,” kusho u-Ouaddou.
“Sikubonile lokho esiwombeni sokuqala – bekunzima kakhulu futhi yingakho siphoqeke ukwenza izinguquko ngesikhathi sekhefu.”
Ngaphambi kokuqala kwesiwombe sesibili, u-Ouaddou ukhiphe oSihle Nduli, Abdoulaye Mariko noDeon Hotto.
Izindawo zabo zithathwe ngoThalente Mbatha, Sipho Mbule noNkosikhona Ndaba abangene wabonakala umehluko abafike nawo.
“Besifuna ukugcina ibhola, okuyinto ebesiyifuna ngesiwombe sokuqala kodwa asangakwazi ukuyenza,” kuqhuba u-Ouaddou.
“Sibe sesinquma ukufaka abadlali abakwazi ukugcina ibhola bese belidlala beya phambili – abakwazi nokukhipha iphasi enhle.
“Besikudinga lokho ngoba besilandela ngemuva, sihubha ibhola esiwombeni sokuqala.”
Ube esebuzwa ngokuthi ngabe usesitholile yini isikimu sakhe azodla ngaso abantu kule sizini.
“Umbuzo onzima lowo. Ngicabanga ukuthi sisenezigaba ezimbili zePirates – angikholwa wukuthi sesinawo umgqigqo ofanele.
“Inhloso wukuthi sidlale ngendlela esidlale ngayo isiwombe sesibili sibhekene neSundowns emlenzeni wokuqala kwiMTN8.
“Yilowo mgqigqo esiwufunayo, yilokho kukhululeka ebholeni esikufunayo. Ukugcina ibhola bese sihamba nalo siyongena ebhokisini lembangi sifike sakhe amathuba amahle.
FUNDA NALA | IDurban City ibuye nephuzu kunzima ePolokwane
“Nanamuhla siwakhile amathuba, kodwa uma sifuna ukuba phezulu kwilogi kuzomele sibe bukhali kakhulu phambili.
“Okuhle nje namuhla wukuthi asingenelwanga goli okuyinto ezosinika ukuzethemba futhi sakhele kuyo ukuya emidlalweni ezayo.”
IPirates izolobangisa eGqeberha la iyobhekana khona neChippa United emdlalweni olandelayo weligi ngeSonto ntambama.
