
Ichiphize izinyembezi ingwazi ngokushiya kukaRiveiro
Ingwazi ye-Orlando Pirates, u-Albert “Bashin” Mahlangu ivele yachiphiza izinyembezi uma iphawula ngokushiya kukaJose Riveiro.
Lo mqeqeshi kuqinisekiswe ngesonto elihludle ukuthi uthe ngeke ayivuselele inkontileka yakhe uma iphela ngoJuni.
UJose Riveiro ungomunye wabaqeqeshi abayohlale bekhumbuleka kwi-Orlando Pirates ngokubuyisa isithunzi sayo.
Uyenze yadlala ibhola elihle futhi yanqoba nezindebe, okumenze waphenduka intandokazi kubalandeli.
UMahlangu uchiphize izinyembezi ngesikhathi ekhuluma noRobert Marawa ohlelweni lwakhe kuleli sonto.
“Kubuhlungu ukuthi umqeqeshi uyalishiya iqembu,” usho kanje uMahlangu qede wachiphiza izinyembezi.
UMarawa ube esemnika isikhathi, emchazela nokuthi mhlawumbe okuhambisa umqeqeshi yinkumbulo yomndeni wakhe.
“Kubuhlungu kakhulu ngoba okwesibili kwenzeka lokhu kwiPirates. Uyamkhumbula u(Rudi) Krol?
“Wayengomunye wabaqeqeshi abaletha injabulo enkulu kwiPirates, kodwa wagcina ehambile.”
Ube esebuzwa ukuthi ukhona yini umqeqeshi ahalela ukuthi avale isikhala sikaJose Riveiro.
“Ngicabanga ukuthi uPitso nguyena ongasivala lesi sikhala,” kuqhuba yena.
Kule ngxoxo, uMahlangu uphinde waveza ukuthi yena akaziboni njengesihlabani, kodwa uyakujabulela ukuthi abantu bambuka ngalelo liso.
“Bengingadlaleli mina. Bengidlalela abantu abeza enkundleni (bazosibuka),” kusho uMahlangu.
“Kumnandi ukuthi abantu bakhulume ngawe kahle usaphila kunokuthi balinde bese kuthi uma sekwehla ibhokisi bathi, ‘hheyi, kwenzeka lokhu nalokhuya’.
“Kuyangijabulisa kakhulu ukuthi abantu bakhulume ngisaphila, ngizizwele konke okuhle abakushoyo ngami.
“Ngaba nenhlanhla yokudlala nabadlali abafana noMike Ntombela noMike “Sporo” Mangena…
“Ungabala inqwaba, oPitso (Mosimane), oTebogo (Moloi), oNick “Bazooka” Sishweni…
“Sasidlala sibhekene noDoctor Khumalo, oFaya waMaZulu. Umncintiswano wawuqine kakhulu.”
Uphinde waveza ukuthi onozinti babethethisa izitobha zabo ukuthi zimvimbe esekude ngoba besaba ishodi azolidedela.
Omunye wabalaleli ube esemkhumbuza ngosuku ashaya ngalo ishodi eladabula inethi.
“Ngiyalukhumbula lolo suku. Sasidlala neKaizer Chiefs, kuvimbe uWade Du Plesis,” kukhumbula le ngwazi.
“Ngadedela ishodi, lamhlephula ikhala. Wayezama ukulivimba kwasho ukuthi laliqine kakhulu, laphunyula esandleni, labe selimdabula ikhala.”
Buka nansi ividiyo yalesi siqephu ngezansi:
