EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs izodlala okwesibili enkundleni egcwele phama

Amathikithi omdlalo olindelwe ngabomvu weBetway Premiership phakathi kwaMaZulu FC neKaizer Chiefs asedayuswe aphela. 

Lo mdlalo, ozokuba ngoLwesithathu ebusuku eMoses Mabhida Stadium, uzoqala ngo-7:30 ntambama. 

Isasasa ngalo mdlalo liyakhula, ikakhulukazi ngemuva kokunqoba kanzima kweChiefs emdlalweni wayo wokuqala weligi emasontweni amabili edlule. 

Nakuwo lowo mdlalo owawuseFree State Stadium, amathikithi adayiswa wonke. 

Abalandeli bamagange ukubona ukuthi iChiefs, esingaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi, ingaqhubeka yini nokubajabulisa. 

Yize kungumdlalo waMaZulu lona, kodwa akungabazeki ukuthi iningi labalandeli kuzobe kungabaMakhosi. 

AmaZulu akuqinisekisile esitatimendeni esifushane ukuthi amathikithi, abebiza u-R60 lilinye, adayiswe aphela kusasele amahora ambalwa umdlalo uqale. 

“Amathikithi omdlalo wethu neKaizer Chiefs namhlanje ebusuku asephelile ngokusemthethweni,” kumemezela iqembu.

Womabili amaqembu abe nezinsuku ezingaphezu kuka-10 zokuphumula nokuqinisa lapho ezibona esaxega khona. 

AmaZulu azobe ebheke ukulungisa izinto ngemuva kokuhlulwa emdlalweni wokuvula isizini ebhekene nePolokwane City. 

Ngakolunye uhlangothi iChiefs ibheke ukwakhela phezu kokunqoba kwayo ibhekene neMarumo Gallants okwaphakamisa amathemba kubalandeli bayo.

Njengoba kulindeleke ukuthi inkundla igcwale phama, womabili amaqembu kufanele akulungele ukudlala ibhola elizojabulisa abalandeli.