EzintshaOrlando Pirates

Kuvela abebangisa i-Orlando Pirates kuSipho Mbule

Indaba yeqembu elilandelayo lalo mdlali wasesiswini onekhono elihle kodwa onezinkinga zokuziphatha beyisuse isasasa elikhulu ebholeni lakuleli.

Lokhu bekungemuva kokukhululwa kwakhe yiMamelodi Sundowns ngoJuni 1. 

UMbule nokho akazange ashodelwe yizesheli yize ebe hambe kabi kwiSekhukhune United lapho ebebolekiswe khona, exoshelwa ukungaziphathi kahle. 

I-Orlando Pirates iwunqobile lo mjaho, yamemezela u-Sipho Mbule yedwa ngoLwesibili ngaphambi kokumemezela abanye abadlali abasayinile ngosuku olulandelayo. 

Kuyacaca ukuthi uSipho Mbule ungumdlali omkhulu kwi-Orlando Pirates yize enomsanka wokuhluleka ukuziphatha nje. 

Futhi ukufika kwakhe kubajabulise kakhulu abalandeli njengoba ikhono lakhe enkundleni lingangabazeki.

Imenenja yakhe, uMike Makaab, iveze ukuthi i-Orlando Pirates bekungeyona yodwa ikilabhu ebishela uSipho Mbule.

“Ake ngiqale ngale yokuthi benilindele ukumbona kwenye indawo – lokho bekuwukuqagela nje okumsulwa,” kusho uMakaab kwi-Extra Time yeGagasi FM.

“Futhi sakhuluma ngalokhu, ukuthi ekupheleni kosuku ungakhohlwa ukuthi uSipho usale engenaqembu kusukela ngoJuni 1.

“Lokhu kungenxa yokuthi iSundowns beyinombandela kuze kuphele uMeyi wokuvuselela inkontileka yakhe.

“Ngakho, asikwazanga ukwenza lutho ngoSipho kuze kube uJuni 1. Okokuqala ngokomgomo wenkontileka, futhi okwesibili ngokomgomo wokuziphatha.”

UMakaab, oyisikhulu esiphezulu seProSport International, uthe inkampani yakhe ayiwahambi ngemuva amakilabhu uma ibhekene nezimo ezifuze lezi.

Yize bekucaca ukuthi iSundowns ngeke iyivuselele inkontileka yakhe kodwa balinde izwi elisemthethweni ngalokhu.

“Asikhulumi namanye amakilabhu ngesikhathi ngomdlali uma esenenkontileka nenye ikilabhu futhi kusengenzeka ukuthi ivuselelwe.

“Ukuqondisa lesi simo nje, siqale ukumbhekela kwezinye izindawo ngoJuni 1,” kuqhuba le menenja.

“Abantu abaningi bebesibuza, ‘kungani kufanele ufonele amakilabhu? Kungani amakilabhu engakufoneli wona?’.

“Kwesinye isikhathi amakilabhu ayafona. Futhi ngezinye izikhathi izimenenja yizo ezifonela amakilabhu.

“Lokhu ikakhulukazi uma unobudlelwano obuhle naleyo kilabhu. Lokhu kubalulekile njengomongo wale ndaba.”

Ngokokuqala ngqa uMakaab uvumile ukuthi uMbule unezinkinga zokuziphatha.

“USipho Mbule – nazo zonke izinkinga zakhe – ungumdlali webhola osezingeni eliphezulu,” kuvuma yena.

“Futhi bekuhlale kuwumbono wami ukuthi uzoya eqenjini eliseNorth Africa noma eMiddle East.

“Besinamaqembu amfunayo eMiddle East, ikakhulukazi emaqenjini amathathu aseDubai.

“Kodwa-ke saba nombono wokuthi kuzoba yiqembu elikhulu eNingizimu Afrika elizoba nentshisekelo.”