Ezintsha

UComitis ukhomba ngenjumbane ‘abaqhathe’ iCity nezembe

UJohn Comitis uthi bahlulekile ukwenza umehluko kwisizini yabo ebe yinhlekelele – umkhankaso ogcine gokuthi behliselwe kwiMotsepe Foundation Championship.

Isahluko seCity kwiBetway Premiership sivalwe ngoLwesithathu ngesikhathi ihlulwa ngo 1-0 yi-Orbit College emdlalweni wokuhlunga. 

Ngenkathi i-Orbit ibungaza ukukhushulelwa kwayo okuyingqophamlando kwiBetway Premiership, bekuwubuhlungu bodwa kwiCitizens.

Iphume okokuqala esigabeni esiphezulu sebhola kuleli kusukela yasungulwa ngo-2016.

Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide ngoLwesihlanu, uJohn Comitis akazange awafihle amaphutha abawenzile.

“Sengeze abadlali abayisishiyagalolunye — bonke abanamagama futhi abahola itshe lemali,” kusho lesi sikhulu.

“Bebesuka emaqenjini amakhulu abanye besuka kwawaphesheya kwezilwandle. Bebenagama impela, futhi besicabanga ukuthi yilokho okudingwa yiqembu. 

“Kodwa ekugcineni kufane nokuxuba amafutha namanzi. Akzange kusisebenzele nhlobo.”

Phakathi kwalabo badlali kukhona uFortune Makaringe, uKamohelo Mokotjo, noThulani Serero.

Bonke bamagama aziwayo namava amazwe ngamazwe — kodwa umthelela wabo awubonakalanga.

ICity iphinde yashintsha abaqeqeshi kuhle kweChippa United yakudala. 

Ixoshe u-Eric Tinkler, yaqoka uMuhsin Ertugral, yabe isimshintsha kwayena, yafaka uDiogo Peral esikhundleni sakhe – kodwa imiphumela yazi nje ‘choo’.

“Ukube u-Eric uhlalile, ngabe kukhona okungcono abezokwenza? Ubani owaziyo? 

“Ukube besinamathele kuMuhsin khona?,” kuqhuba uJohn Comitis.  

“Ubani owaziyo? Ngabe uDiogo ubeyisinqumo esifanele? Ubani owaziyo?”.

Ube esephetha ngeqiniso elihlabayo: “Laba bekungebona nje abadlali. Kodwa abazange basilwele. Indumalo inkulu kakhulu.”

ICape Town City manje ibhekene nomgwaqo omude wokubuyela kwiPremiership — futhi kubukeka izozama ukuwugibela ngaphandle kwabadlali abanamagama.