
IChiefs izicucuzele yona seyinikwe uYaya ngethileyi
– Intatheli yeLisenethini
Imenenja kaSphephelo Sithole, uManuel Tomas, isiveze ukuthi iKaizer Chiefs iphenduke umuntu ochathe uhlanya beyinike ithuba lokusayina lo mdlali.
USithole usegcine esayine kwiGil Vicente okuqinisekiswe ngoMsombuluko.
Lokhu kusho ukuthi usephinde wahlangana nomqeqeshi wakhe uTozé Marreco oke wasebenza naye kwiTondela.
Lo mdlali odlalela iBafana Bafana ujoyine iGil Vicente ngokubolekiswa, kanti leli qembu linombandela wokumsayina ngokugcwele uma lifuna ekupheleni kwesizini.
USithole udlale imidlalo engu-27 kuyo yonke imiqhudelwano kwiTondela ngesizini edlule, washaya amagoli amabili.
“Umnyakazo wenzeke ngokushesha,” kusho uTomas kwiSportswire.
“Besixoxisana neKaizer Chiefs (ngokuthi iboleke lomdlali), kodwa ayizange isithumelele isicelo esisemthethweni.
“Sibazisile ukuthi kuyaphuthuma ngenxa yokuqala kwamalungiselelo esizini ezayo futhi saphothula isivumelwano neGil Vicente emahoreni ambalwa.
“Asikwazanga ukulinda, njengoba iGil Vicente isinikeze amahora amabili nje ukuthi sinqume.
“Besingene silindele inqubo ende yeChiefs. Ngeshwa ebholeni isikhathi sibalulekile.”
USithole ube ngomunye wabadlali abagqamile kwiBafana Bafana ebidlala kwi-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ekuqaleni kwalo nyaka.
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala uyidlale yonke imidlalo eyisikhombisa ngesikhathi iBafana Bafana igcina iqede endaweni yesithathu.
Uphinde wadlala yonke imizuzu engu-90 kuyo yomibili ibambana ngo 1-1 bedlala neNigeria nokunqoba iZimbabwe ngo 3-1 kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ngoJuni.
“Kulo mqeqeshi, uSithole uzoqhubeka nokudlala ibhola elifana neleqembu lesizwe,” kwengeza uTomas.
Lapho ebuzwa ngamathuba okuthi isivumelwano semalimboleko sibe unomphela, uTomas wazwakalisa ithemba.
“Amathuba maningi. Kodwa-ke, sizoyithatha usuku nosuku, njengoba ikilabhu inezimo zayo.
OLUNYE UDABA: Iseyinzukazikeyi eyePSL nabaxhasi abasha
“Yize kungeyona ikilabhu enkulu, yiqembu elifanayo elathumela uSamuel Lino (waseBrazil) kwi-Atletico Madrid.”
