EzintshaNedbank Cup

Okwenza oweFree Agents abone intuba kwiChiefs

Umqeqeshi weFree Agents, u-Olaitan Oladeru, weluleke iKaizer Chiefs ukuthi izilungiselele ngokugcwele.

Lamaqembu azokhiphana inkani emdlalweni weNedbank Cup eFNB Stadium ngeSonto.

IChiefs izobhekana naleli qembu elidlala kwi-ABC Motsepe League emzuliswaneni wokuqala walo mqhudelwano.

Amakhosi anomlando ongemuhle uma ebhekene namaqembu adlala ezigabeni ezincane kulo mqhudelwano.

IFree Agents isungulwe ngo-2018, kanti ihlose ukuzakhela igama ngokushaya iChiefs.

U-Oladeru, ungu‘Jomo Sono’ wale kilabhu. Ungumnikazi wayo abuye abe ngumqeqeshi.

Unxuse iqembu lakhe ukuthi lingazenyezi, lilwe kulo mdlalo ngoba akukho elihluke ngakho kwiChiefs ngaphandle kwamazinga abadlala kuwo.

“Sizibekele izinto eziphezulu. Sizobe sesihluliwe uma singathi siya kulo mdlalo singakhathalele lutho.

“Siya lapho siyodlala futhi sibone ukuthi kungenzakalani futhi sihambe,” kusho u-Oladeru kwabezindaba.

“Sizibekele umgomo, siyaphuma siyodlala futhi sizonikela ngazo zonke izinhliziyo zethu.

“Futhi njengoba ubona, sizodlala nabantu abafana nathi nje. 

“Njengathi, banenhliziyo eyodwa, amaphaphu amabili, futhi nasemithanjeni yabo kugijima igazi nje.

“Sizobona nje, noma ngabe kwenzekani,” kwengeza lo umnikazi weqembu ongumqeqeshi. 

“Lapho ngizwa isikhangiso somdlalo, bathi nguDavid ozobe ebhekene noGoliyathi, ngakho ke kungenzeka noma yini.” 

U-Oladeru uveze imhlonipho anayo kwiChiefs njengelinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika.

“Umlayezo oya kwiKaizer Chiefs… Asikho isexwayiso enginaso, kufanele sibahloniphe njengelinye lamaqembu amakhulu ezweni.

“Kodwa kufanele bazilungiselele,” uxwayise kanje u-Oladeru.