
IChiefs inikwe ithuba lokusayina owe-Orlando Pirates
IKaizer Chiefs isinikwe ithuba lokusayinisa omunye wabadlali basemuva abathembisayo be-Orlando Pirates.
I-SABC Sport ibika ukuthi umdlali wasemuva uThabiso Monyane, inkontileka yakhe ne-Orlando Pirates ephela ekupheleni kukaJuni, angase ajoyine Amakhosi.
Akukacaci ke noma uMonyane nePirates abazwananga yini ngokuvuselela inkontileka noma leli qembu selinqume ukumdedela.
Kodwa-ke, imithombo iveza ukuthi ikhempu yakhe isiqale izingxoxo neKaizer Chiefs.
Lokhu kuthiwa kwenzelwe ukuthi uma esephelelwe yinkontileka ngoJuni 30, athuthele eNaturena mahhala.
UMonyane uzithole esesimweni sokungalitholi ijezi kwiPirates kule sizini njengoba edlale imidlalo engu-12 kuphela.
Lokhu bekulandela ukufika kukaDeano van Rooyen ekuqaleni kwesizini, kanti ikilabhu ibivele inoThabiso Lebitso, Siyabonga Ndlozi noBandile Shandu ababanga le ndawo yasemuva kwesokudla.
IPirates kubikwa ukuthi isisayinise uTshepo Mashiloane weBaroka FC naye odlala emuva kwesokudla ukuqinisa kule ndawo.
Yize ethakaselwa kwi-Orlando Pirates, ukulimala nokwanda kwabanga nabo indawo eqenjini kunciphise amathuba okuthola ijezi.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala ukhushulelwe eqenjini elikhulu ngo-2019 futhi usedlale imidlalo ecishe ibe ngu-100 kusukela lapho.
Khonamanjalo, iChiefs yona beyithembele kuReeve Frosler noDillon Solomons emuva kwesokudla, uZitha Kwinika yena avale isikhala uma bengekho.
Ngokokudepha kweqembu kule ndawo, iGlamour Boys ingase ilingeke ukuba ithathe uMonyane ezimbangini zayo ezinkulu.
IPirates inesikhathi kuze kube uJuni 30 ukuthi inqume ukuthi izomnika yini inkontileka entsha noma imvumele ahambe mahhala.
Uma kwenzeka ehamba, uMonyane uzoba ngumdlali wesibili eminyakeni yakamuva ukusuka kwi-Orlando Pirates aye ngqo kwiKaizer Chiefs.
Ngesizini edlule, iChiefs isayine uBongani Sam obesuka kwiPirates.
Kodwa lo mdlali wasemuva kwesokunxele ube nobunzima kuMakhosi futhi akazange adlale ngisho nowodwa umdlalo osemthethweni.
IChiefs ivele imataniswa nesihlabani sePirates, uMonnapule Saleng naye okungacaci ngekusasa lakhe kweziMnyama.
