EzintshaKaizer Chiefs

UKhune uphawula ngesimo sakhe kwiChiefs

Itumeleng Khune usephumele obala, waveza ukuthi yena ulinde isinqumo esizophuma kubaphathi ngekusasa lakhe kwiKaizer Chiefs.

Ikusasa likaKhune alicacile njengamanje kwiChiefs njengoba abaphathi befuna awagaxe emgibeni amakhokho.

Bafuna athathe isikhundla sokuba linxusa leqembu, kodwa nalapho ubekelwe imibandela eminingi eminye angayizwa kahle.

Kuleli viki, omunye wezikhulu zeChiefs, uJessica Motaung uthe basaxoxisana noKhune ngalesi sikhundla.

Ekhuluma neLisenethini, uKhune uthe uselinde isinqumo esizophuma kubaphathi kodwa wakuveza ukuthi yena usazimisele ngokudlala. 

“Njengoba eshilo uJessica ukuthi bahlela ukuthi ngibe yinxusa leKaizer Chiefs, ngisalinde bona ke,” kusho uKhune. 

“Kodwa mina ngokwami ngizibona ngisangayisebenzela kahle nje iKaizer Chiefs enkundleni ngoba amathambo asavuma.”

UKhune useneminyaka engu-25 eyibambile kwiKaizer Chiefs njengoba afika kuyo esengumfanyana omncane.

Ngesizini edlule ubehlanganisa iminyaka engu-20 edlala eqenjini elikhulu, okuyirekhodi hhayi kuleli qembu nje kuphela, kodwa kwiPSL iyonke.

Akekho umdlali oseke wahlala isikhathi eside kangaka eqenjini elilodwa.

UHappy Jele, owayedlala kwi-Orlando Pirates, yena udlale iminyaka engu-16. 

Kule minyaka ayihlale kwiChiefs, uKhune ubenconywa ngerekhodi lokuziphatha kahle kwazise ubengatholakali ezintweni eziphambene nemithetho yeqembu.

Nokho lingcolisekile lelo rekhodi ngesizini edlule.

Ubanjwe esejimini kunezinsalela zotshwala egazini, wamiswa izinyangana engazibandakanyi neqembu. 

Waphucwa  nebhande lobukaputeni, wayalelwa ukuba ahambele izifundo zokuziphatha.

Uma egcina ngokuwamukela lo msebenzi ahlongozelwa wona, uKhune uzosebenza noJessica ophikweni lokumaketha kuleli qembu.