
ISundowns izibonele igolide kuCele olahlwe yiChiefs
UThabo Cele usengoweMamelodi Sundowns ngokugcwele, kungakapheli nesonto eshiye kwiKaizer Chiefs.
AmaBrazilians asekuqinisekisile ukusayina lo mdlali wasesiswini obedlala kuMakhosi amthle mahhala.
Ngesikhathi iChiefs imbone engenamsebezi waluthi, aMasandawana abone igilide, agijima amcosha.
Manje asengeze omunye umdlali onamava ase-Europe eqenjini likaMiguel Cardoso elivele lihlome liyizingovolo.
IMamelodi Sundowns imemezele ukufika kuka-Thabo Cele ngomlayezo othi: “IYellow Nation inobuso obusha! Silekeleleni samukele uThabo Cele, oyilungu elisha laBafana Ba Style.”
UCele, oneminyaka engu-29, utholakele mahhala ngemuva kokuba iChiefs inqamule inkontileka yakhe ngokuvumelana naye ngoMsombuluko.
Amakhosi abesevele emenze wazibona ukuthi akayona ingxenye yeqembu njengoba beyingahambanga naye kade iyolungiselela isizini eSpain.
Iphinde yasayina u-Adolf Mtasingwa Bitegeko waseTanzania futhi umqeqeshi omusha uFernando Da Cruz washo ukuthi akanazo izinhlelo ngaye.
ISundowns isheshe yalisebenzisa ke ithuba, yavumelana noCele ngenkontileka yeminyaka emibili, enenketho yokwelulwa.
UCele wachitha cishe iminyaka eyishumi e-Europe, edlala ePortugal, ePoland naseRussia, ngaphambi kokubuyela ekhaya ejoyina iChiefs ngoJanuwari 2025.
- FUNDA NALA | Omataniswa neBucs neDowns akaziboni ehlala kwiCity
Ngesikhathi eseNaturena, udlale imidlalo engaphezu kuka-30 futhi waba yingxenye yeqembu elanqoba iNedbank Cup.
Manje u-Thabo Cele useshintshe esuka eNaturena waya eChloorkop, njengoba iMamelodi Sundowns iqhubeka nokuqinisa iqembu layo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
