
Owe-Orlando Pirates uveza okuhehe leli qemu ku-Ouaddou
Isikhulu sezokuxhumana nabezindaba kwi-Orlando Pirates, uThandi Merafe, sesicacise isinqumo sale kilabhu sokuqashwa obekungalindelekile kuka-Abdeslam Ouaddou njengomqeqeshi.
I-Orlando Pirates ishaqise uMzansi ngesimemezelo sokuqashwa kuka-Ouaddou ngoMsombuluko ekuseni.
Lezi zindaba zamukelwe ngemizwa ehlukene ngabalandeli njengoba abanye bekholwa ukuthi ufanelwe ukunikwa ithuba.
Abanye nokho banomuzwa wokuthi i-Orlando Pirates idinga umqeqeshi onolwazi oluthe xaxa kuno-Ouaddou ukuze aqhubeke nomsebenzi oqalwe nguJose Riveiro.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto zisale zingenamqeqeshi kulandela ukulaxazwa uRiveiro, oqoke ungayivuseleli inkontileka yakhe yize kade enza umsebenzi omuhle.
URiveiro usejoyine i-Al Ahly la kubukeka ziyishuka khona imbodla njengoba egxekwa ngapha nangapha.
Kodwa ke vele kwenzeka esifanayo nangesikhathi eqashwa yiPirates kade engaziwa muntu kuleli.
Ekhuluma kwiRadio 2000 ngoMsombuluko kusihlwa, uMerafe unxuse labo abashaya amakhala ukuthi bamnike isikhathi umqeqeshi omusha.
Uthe ikilabhu ihlale yenza kahle ekuqasheni kwayo – kungaba ngabadlali noma abaqeqeshi.
“Sike sabona esikhathini esidlule ukuthi abaphathi bePirates baneso elihle kakhulu futhi banekhono elimangalisayo lokuheha abantu abafanele.
“Ngisho nalapho iGallants esishaya (ngesizini edlule), sabona izinto eziningi ezinhle ngaye ngaphakathi nangaphandle kwenkundla,” kuchaza uMerafe.
U-Ouaddou ubekwiMarumo Gallants izinyanga ezintathu futhi wakwazi ukuguqula leli qembu waze walifaka emaqenjini ayisishiyagalobili aphezulu kwilogi imbala.
Ukungaboni ngaso linye mayelana ngokwelulwa kwenkontileka kumenze washiya phansi kuleli qembu elizinze eFree State ekuqaleni kwale nyanga.
UMerafe umchaze njengomqeqeshi onamandla futhi ohlale ezimisele ngokuzifunda nokuzithuthukisa.
“Uma ubheka umsebenzi wakhe kusuka esadlaa kuya esengumqeqeshi, uyabona ukuthi lesi yisifundiswa salo mdlalo.
“Udlale imidlalo engaphezu kuka-60 ezweni lakhe futhi wadlala ezingeni eliphezulu e-England, eFrance naseGreece,” kwengeza uMerafe.
U-Ouaddou wadlalela iqembu lesizwe laseMorocco amahlandla angu-68, waphinde wadlala nasemaqenjini ahlukene kulo lonke elaseYurophu.
Nokho i-Orlando Pirates yiqembu lakhe lokuqala elinengcindezi enkulu azosebenza kulo njengomqeqeshi.
