
UBruce Bvuma uphawula ngokugajwa kowamanqamu
Unozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, usephumele obala wavuma ukuphoxeka ngokushywa ngaphandle emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup.
UBruce Bvuma ngye obedlale imidlalo eminingi kwiKaizer Chiefs kule sizini.
Udlale yonke imidlalo yeNedbank Cup, okuhlanganisa nokunqoba kwiMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu.
Kodwa usale ngaphandle uBruce Bvuma eqenjini leKaizer Chiefs elidlale owamanqamu, akangaba khona ngisho ebhentshini.
Kuqaliswe uBrandon Petersen endaweni yakhe, kwathi uFiacre Ntwari yena waba sebhentshini.
Kulo mdlalo wamanqamu iChiefs ihlule i-Orlando Pirates ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngempelasonto edlule.
Ekhuluma kwiGame On yeRadio2000 kuleli sonto, uBvuma uvumile ukuthi kumkhubile emoyeni lokhu, kodwa wakwemukela.
“Yebo, wonke umdlali uyafuna ukudlala owamanqamu ikakhulukazi esimweni sami,” kusho uBvuma.
“Ngiqonde ukuthi, ngidlale yonke imidlalo kulo mqhudelwano kuze kufike kowamanqamu.
“Kodwa ke ekupheleni kosuku bekufanele kuthathwe isinqumo futhi kube yisinqumo esihle ngoba sinqobile.”
UBruce Bvuma uthi akanankinga nokuhlala ngaphandle uma nje lokho kuzozuzisa iqembu.
“Kimina, iqembu liza kuqala, kungakhathaliseki ukuthi ngiyadlala noma angidlali, uma iqembu lenza kahle, ngiyajabula…
“Kube njalo ke kulo mdlalo. Nokho ngeke ngiqambe amanga, ngadumala ngesikhathi ngitshelwa ukuthi ngeke ngidlale.
“Kodwa ngesikhathi esifanayo, ngaqonda ukuthi kungani, futhi njengoba ngishilo, iqembu liza kuqala kimi.”
Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, wasichaza lesi sinqumo. Uthe yisinqumo esithathwe ngokubheka amaqhinga omdlalo.
Uthe uBruce Bvuma ubenengcindezi enkulu emidlalweni edlule ngaphambi kowamanqamu futhi babona sengathi udinga ikhefu.
Bakhetha ukumvikela kulo mdlalo, banika uPetersen ithuba, futhi kwaba ukugembula okwaba nemiphumela emihle.
Kodwa manje njengoba sekunemidlalo emibili ezodlalwa yiChiefs kule sizini, kuzothatha amehlo ukubona ukuthi uBvuma uyabuyiswa yini noma kuzoqhubeka uPetersen.
UNabi uveze ukuthi ufuna ukunika bonke onozinti bakhe ithuba lokukhombisa ukuthi yini abangayenzela iqembu.
“Saqala ngoFiacre Ntwari ngesikhathi kuqala isizini, kwase kuba uBruce futhi manje sekunguPetersen,” kusho uNabi ngaphambi komdlalo wangoMgqibelo.
IChiefs kulindeleke ukuthi ikhulule oyedwa wonozinti ukuze kuvuleke isikhala somusha ngesizini ezayo.
Onozinti baphinde babonakala beyikhongco elibuthakathaka kwiChiefs nakule sizini.
