EzintshaOrlando Pirates

IBucs ibheke ukuqala iChamps League ngenothi elihle

I-Orlando Pirates iqala umkhankaso wayo wesigaba samaqoqo kwiCaf Champions League ngokubhekna neCR Belouizdad ngoLwesibili ebusuku. 

Umdlalo uqala ngo-9 PM ngesikhathi saseNingizimu Afrika kanti useStade Du 5 Juillet e-Algeria.  

AmaBhakabhaka angena kulo mqhudelwano esesimweni esihle, esayinqobe yonke imidlalo eyisikhombisa yokuqala yeBetway Premiership. 

Nokho, iChampions League iza nenselelo entsha kuleli qembu likaJose Riveiro.  

IPirates ifinyelele esigabeni samaqoqo ngokuhlula iJwaneng Galaxy yaseBotswana ngo 4-0 sekuhlanganiswe yonke imidlalo emzuliswaneni wweyokuhlunga. 

Umqeqeshi, uJose Riveiro uyaziqhenya ngempumelelo yeqembu kodwa uyazi kusekude phambili.  

“Kithina, ukufinyelela esigabeni samaqoqo bekuyinhloso ebalulekile,” kusho uRiveiro. 

“Kubalulekile ukuthi le kilabhu incintisane namanye ahamba phambili e-Afrika.”

Lesi yisipiliyoni sokuqala sesigaba samaqoqo kubadlali abaningi noRiveiro uqobo. 

IPirates iqhathwe kuGroup C ne-Al Ahly, Stade d’Abidjan, neBelouizdad.  

IBelouizdad, njengamanje edonsa kanzima kwiligi yasekhaya, ihlezi endaweni ka-12 kwilogi le-Algerian Ligue 1.

Isanqobe kabili kuphela emidlalweni eyisishiyagalombili. Naphezu kwefomu yabo, baziwa ngokudlala kahle ekhaya.

Futhi seyifinyelele esigabeni somkhumulajezi emikhankasweni yabo emithathu kwemine yokugcina kwiChampions League.  

Umgadli weBafana Bafana, uKhanyisa Mayo, ojoyine iBelouizdad kule sizini, angase adlale indima ebalulekile kulo mdalo. 

UMayo usathungatha igoli lakhe lokuqala kuleli qembu lakhe lase-Algeria kanti uzobe ebheke ukukwenza lokho ebhekene nezimbangi azazi kudala, iPirates.  

IPirates izovivinywa, kodwa izimisele ngokuthola iwini ebalulekile ukuze iqale umkhankaso wayo wesigaba samaqoqo ngenothi eliphezulu.