
IChiefs yethula umdlali wokuqala eqinisa ngaye
I-Kaizer Chiefs seyiqinisekise umdlali wayo wokuqala eqinisa ngaye njengoba ilungiselela ukubuyela emiqhudelwaneni yase-Afrika.
Isimemezele ngokusemthethweni ukufika komdlali wasemuva uThabo Moloisane.
Lo mdlali odabuka eMeadowlands, eSoweto, ufika esuka kwiStellenbosch FC lapho ezakhele khona igama njengomunye wezitobha eziqinile kwiBetway Premiership.
Eminyakeni emithathu ayichithe eWestern Cape, uMoloisane udlale imidlalo engu-115 futhi wabizelwa kabili eqenjini lesizwe.
Ukufika kwakhe kuthathwa njengophawu oluqinile lokuthi i-Kaizer Chiefs izimisele ukubuyela esicongweni, hhayi kuphela eNingizimu Afrika kodwa nase-Afrika yonkana.
Ukumenyezelwa kwakhe kuza ngosuku olulandela ukuqokwa komqeqeshi omusha, uFernando Da Cruz.
Okunye okuheha ngalo mdlali amava anawo emiqhudelwaneni yeCaf.
Uke wadlala kwiCaf Confederation Cup neStellenbosch FC, okumenza azazi kahle izinselelo zokudlala ezwenikazi.
Njengoba engowokuzalwa eSoweto, uMoloisane usebuyela ekhaya ukuze agqoke imibala yeqembu akhule elibuka.
- FUNDA NALA | UBen Youssef uveza iqiniso ngesimo seChiefs
Abalandeli be-Kaizer Chiefs bazobe bethemba ukuthi uzoletha ukuzinza emuva njengoba iqembu liqhubeka nomzamo wokubuyela enkazimulweni yalo yakudala.
Kulindeleke ukuthi aqale ukuzibonakalisa ngesikhathi iqembu libuyela ekuzilolongeni ngaphambi kwesizini entsha.

- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
