EzintshaKaizer Chiefs

UBen Youssef uveza iqiniso elibuhlungu ngeChiefs 

Obengumqeqeshi we-Kaizer Chiefs, u-Khalil Ben Youssef, useveze okungase kushiye abalandeli bekhathazekile ngaleli qembu laseNaturena.

Lokhu kuza ngemuva kokudalula ukuthi leli qembu alikakabi sezingeni lokuthi lingancintisana ne-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.

Lo mqeqeshi waseTunisia uthi abantu abaningi badidanisa izifiso neqiniso. 

Uthi yize wonke umuntu efuna iChiefs iwine izindebe, iqiniso wukuthi iqembu enalo manje alikakulungeli ukuphazamisa izinkunzi zeBetway Premiership.

“Abanye abantu banenkinga yokuhlukanisa phakathi kwabakufisayo nokubona iqiniso. 

“Ngaleli qembu iChiefs ebinalo, into enkulu ebingayifeza ukuqeda kumaqembu amane aphezulu,” kusho uBen Youssef.

Uqhubeke waveza ukuthi igebe phakathi kweChiefs neSundowns nePirates liselikhulu kakhulu. 

Uveze nokuthi lokho kubonakala ngisho kwiBafana Bafana, lapho iningi labadlali livela kula maqembu amabili.

“Uma usubona iBafana iqala imidlalo inabadlali abahlanu noma abayisithupha beChiefs, kulapho-ke uzokwazi ukuthi iqembu selikulungele ukulwela iligi,” kuqhuba yena.

UBen Youssef uphinde waveza izindawo yena noCedric Kaze abebefuna ukuziqinisa ngaphambi kokugajwa kuleli qembu. 

U-Khalil Ben Youssef uthi uma i-Kaizer Chiefs ifuna ukubuyela phezulu, kufanele ilande abadlali asebekulungele ukudlala ngokushesha.

“Uma beqhubeka nokwenza okufanayo – beletha abadlali abangenamava noma abakhathele – basazoqhubeka nokulokhu bepheka bethulula.”