
IChiefs ixwayisa ngabakhwabanisa ngegama layo
I-Kaizer Chiefs isikhiphe isexwayiso emphakathini mayelana nemibhalo namaphosta omgunyathi asakazwa ezinkundleni zokuxhumana nakuWhatsApp.
Amakhosi athe wonke la maphosta athi iqembu libiza abadlali ukuzohlolwa ikhono awawona aweqiniso.
Iqembu liphinde lakugcizelela ukuthi alinazo izinhlelo zokuhlola abadlali ikhono eKaizer Chiefs Village, eseNaturena eGoli.
Liphinde lathi alikaze licele imali kubazali noma kubadlali ukuze amagama abo afakwe kwisizindalwazi salo.
I-Kaizer Chiefs ithe uma ubona isikhangiso esinemininingwane yasebhange, noma sicela abantu bathumele imali enombolweni kamakhalekhukhwini, noma sisebenzisa ikheli le-Gmail, kufanele wazi ukuthi lowo ngumkhonyovu.
Iqembu linxuse abantu ukuthi baqaphele ukuze bangalahlekelwa yimali kubakhwabanisi abasebenzisa igama lalo.
- FUNDA NALA | UKaze ubhoboka ngokweyiswa ebizwa ngotolika
Amakhosi athe noma ubani osola ukuthi uyakhohliswa, noma ofuna ukuqinisekisa ubuqiniso besimemo sokuhlolwa ikhono esihlobene neqembu, kufanele axhumane nehhovisi lawo ngqo.
I-Kaizer Chiefs inethemba lokuthi lesi sexwayiso sizosiza ukuvikela abalandeli nabadlali abasafufusa ekubeni yizisulu zomkhonyovu.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
