
Ziyanda izinkinga kwiMamelodi Sundowns – ezingezinhle ngoMudau
IMamelodi Sundowns kuzodingeka iphinde iluhlele kabusha udonga lwasemua emdlalweni wayo wokugcina eBetway Premiership kule sizini.
Lokhu kungenxa yokuthi umdlali wasemuva uKhuliso Mudau umisiwe kulandela ukunqoba kweqembu ngo 7-4 kwiSiwelele FC.
Lo mdlali wasemuva kwesokudla onamava uthole ikhadi lakhe lesine eliphuzi kulo mdlalo wezimanga.
Lokhu kumenza angakwazi ukudlala uma iSundowns isidlala umdlalo wokugcina nomqoka ongase ucacise ngokuthi iyayinqoba yini futhi iligi.
USailor manje ujoyina uzakwabo uJayden Adams ohlwini lwabamisiwe, okushiya umqeqeshi uMiguel Cardoso enezinkinga ezinkulu zokukhetha ngesikhathi esibi kakhulu.
IMamelodi Sundowns ibivule igebe lamaphuzu ayisithupha eqhulwini ngemuva kokuhlakaza uSiwelele.
Kodwa i-Orlando Pirates isheshe yaphendula ngokunqoba ngo 3-0 kwiMagesi FC ukwehlisa igebe libe ngelamaphuzu amathathu ekubeni isenomdlalo esandleni.
Manje wonke amehlo aphendukela kulo mdlalo wangoLwesibili ebusuku la izogadulisana khona neTS Galaxy eMbombela Stadium.
Uma iMamelodi Sundowns iwunqoba lo mdlalo, ingcindezi izophinde ibuyele kwiPirates.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto zizobe sezidinga ukuyinqoba yomibili imidlalo yazo esele ukuze zithole ithuba lokuphakamisa isicoco.
Njengoba banda abamisiwe, kukhona abalimele kanti nokukhathala sekubonakala kwabanye, ingcindezi ebhekene neSundowns sekunzima ukuyiziba.
