
UNcikazi uveza iPirates ekusaba kwiCity – zibophele kanje
Iphini lomqeqeshi kwi-Orlando Pirates, uMandla Ncikazi useveze into engaba yingozi kubo uma sebebhekene neDurban City.
Lamaqembu azogadulisana emdlalweni weBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Amaphuzu amathathu abaluleke ngokufanayo kulamaqembu kodwa ngezizathu ezingafani.
ICity ifuna ukuqinisekisa ukuthi ayehli kakhulu kwilogi ngaphambi kwekhefu le-Africa Cup of Nations.
I-Orlando Pirates yona ifuna ukugxuma yeqe iMamelodi Sundowns bese iqhwakelwa kwilogi okokuqala ngemuva kwesikhathi eside yagcina ukuba phezulu.
Ekhuluma ngalo mdlalo, uNcikazi uthe kunobungozi asebebubonile okumele babugweme ngeDurban City.
“Ingozi enkulu esingangena kuyo wukucabanga ukuti iDurban City yiqembu elisha,” kusho uNcikazi.
“Umqeqeshi uGavin Hunt, sonke siyamazi. Siyawazi amagalelo akhe. Siyazi ukuthi ulihlela kanjani iqembu lakhe.”
Uqhube wtahi balindele umdlalo ozoba nzima ngokwamandla kwazise izibalo zibatshele ukuthi iDurban City iyaluqinisa unyawo.
“Izibalo ziveza ukuthi iDurban City iyawasenenzisa amandla uma ubheka ukuthi yiyo ehlaluliswe kunawo wonke amaqembu (ngokudlala kabi) kule sizini.
“Lokho kukutshela into eyodwa – ukuthi bayaluqinisa unyawo. Kodwa siya eThekwini ukuyolwela amaphuzu kulo mdlalo wethu wokugcina weligi kulo nyaka.
“IPirates kumele ithole amaphuzu. Sifuna ukuqhubeka nomgqigqo omuhle yize sazi ukuthi ngeke kube umdlalo olula,” kwengeza uNcikazi.
FUNDA NALA | OweChiefs uyakwazi okumele bakwenze ukudida iZamalek
- Ibophele kanje iCity (4-3-3): Keet – Gcaba, Mashego, Ncanana, Mkhize – Mokwena, Jurgens, Jodwana – Domingo, Maseko, Lubumba
- Ebhentshini: Dreyer, Goedeman, Magawana, Koapeng, Nodada, Sifumba, Nyulu, Kamayuka, De Kock
- IPirates yona ibophele kanje (4-3-3: Chaine – Lebitso, Ndaba, Sibisi, Mbokazi – Mbatha, Nemtajela, Maswanganyi – Mofokeng, Moremi, Makgopa
- Ebhentshini: Buthelezi, Ndah, Mbule, Van Rooyen, Dlamini, Appollis, Mbuthuma, Makhaula, Hotto
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
