
UBroos uphawula ngokuntanta kweBafana kweyoMhlaba
Umqeqeshi we-Bafana Bafana, uHugo Broos, useveze ukukhathazeka ngokukhathala okubangelwa ukuhamba amabanga amade nokushintsha kwezikhathi emazweni ahlukene ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ka-2026.
IBafana isivele idlale imidlalo emibili kulo mqhudelwano ongomkhulukazi emhlabeni.
Iqale ngokuhlulwa yiMexico eMexico City ngaphambi kokudlala ngokulingana ngo 1-1 neCzech Republic e-Atlanta.
UBroos uthi uhlelo lwalo mqhudelwano lwenza izinto zibe nzima kakhulu kubadlali.
“Kuyawaqeda amandla kakhulu uma ubona ukuthi kufanele uhlale uhamba.
“Kukhona nenkinga yokwehluka kwezikhathi phakathi kwamazwe,” kusho uBroos.
“Sidlale eMexico City, sabe sesidlala e-Atlanta lapho kunomehluko wamahora amabili.
“Manje sesizodlala eMonterrey. Uma sidlulela esigabeni esilandelayo kuzomele siye eLos Angeles noma eSeattle.”
Lo mqeqeshi waseBelgium uthi ukukhathala kuzokwanda njengoba umqhudelwano uqhubeka.
“Kunzima ngoba abadlali kusafanele balulame phakathi nemidlalo,” kuchaza yena.
“Kuzoba nzima kakhulu njengoba siqhubeka. Uma udlala emazweni amathathu ahlukene anezikhathi ezihlukene, akusona isimo esikahle leso.”
U-Hugo Broos uphinde waveza ukuthi umdlalo we-Bafana Bafana neSouth Korea uzodlalwa ngaphansi kwezimo zokushisa okunzima.
“Sizodlala ngaphansi kwezinga lokushisa eliphezulu kakhulu. Lokho kudinga amandla amaningi kubadlali,” kusho yena.
“Uma sidlulela phambili sizophinde sidlale emuva kwezinsuku ezine kuphela, bese siphinde sihambe.”
- FUNDA NALA | UMofokeng uhlonishwe nezingqalabutho
Uveze nokuthi iqembu lizobuyela ePachuca eMexico ngemuva komdlalo ngaphambi kokuphinde lihambele umdlalo olandelayo e-United States uma lingena emzuliswaneni olandelayo.
“Sincane kakhulu isikhathi sokuphumula, kodwa yindlela ehlelwe ngayo le Ndebe yoMhlaba futhi kufanele sizivumelanise nayo.
“Kodwa ngingakutshela nje ukuthi akulula neze,” kuphetha uBroos.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
