
UGavin Hunt uveza ambona ebe nguMqeqeshi oVelele kule sizini
Owayengumqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, usedalule umqeqeshi abengamchoma uphaphe lweGwalagwala ukube kuya ngaye.
Njengoba isizini seyiphothuliwe, sekubhekwe ngabomvu abazoklonyeliswa yiPremier Soccer League ngokwenza kahle kule sizini.
UGavin Hunt, oxoshwe kwiSuperSport phakathi nesizini, naye useveze owakhe umbono ngambona efanelwe indondo yoMqeqeshi oVelele.
Izinkulumo-mpikiswano mayelana nabafanelwe yizindondo ze-PSL ziyashuba.
Enye yezindondo ezivamise ukususa umsindo yiyo le yoMqeqeshi oVelele ohambe noRulani Mokwena weMamelodi Sundowns ngesizini edlule.
UMokwena uhole iSundowns emkhankasweni omuhle njengoba ihlulwe kanye kuphela ngesizini edlule.
Kulokhu kubhekwe uMiguel Cardoso weSundowns kwazise naye ukwazile ukuyinqobisa isicoco seligi, yaqopha namarekhodi amasha.
Kodwa uHunt ukholwa ukuthi le ndondo kulo nyaka kufanele iye kuSteve Barker weStellenbosch FC.
IStellies iphonde yaqeda endaweni yesithathu nakule sizini, ekubeni kade idlala nakwiCaf Confederation Cup.
Ekhuluma ohlelweni iMarawa Sports Worldwide, uGavin Hunt ukubeke kwacaca ukuthi kungani ebona ifanele uBarker le ndondo.
“Umqeqeshi wesizini ngokwami? Angithandabuzi, uSteve Barker,” kuphendula uHunt ebuzwa ngale ndondo.
IStellies inqobe imidlalo engu-13, yahlulwa kweyisithupha kuphela emidlalweni engu-28 yeligi.
ISundowns ne-Orlando Pirates – abaqede endaweni yokuqala neyesibili ngokulandelana – kuphela ababenamarekhodi angcono kunayo.
UGavin Hunt uncome uBarker ngokwenza umsebenzi oisimanga yize engenazo izinsiza laba abanye abaqeqeshi abanazi emaqenjini abo.
“Kufanele ubheke ukuthi malini esetshenziswayo, nokuthi yini umphumela wakhona,” kwengeza uHunt.
“Baphinde baba nesizini enhle futhi. Bebesemdlalweni wamanqamu wenkomishi, benze kahle kwiCAF, futhi bacishe bathola indebe.”
IStellenbosch ifinyelele kowamanqamu kwiMTN8, lapho ihlulwe khona kabuhlungu yiPirates.
Leli qembu liphinde lahlaba umxhwele emiqhudelwaneni yeCaf, lazibeka ebalazweni lezwekazi.
UHunt uveze ukuthi umqeqeshi weStellies angase aphuthelwe yile ndondo ngenxa yokuchema ohlelweni lokwahlulela.
“Akayiwinanga iligi, ngakho angase angayitholi. Uyazi, nganoma yisiphi isizathu. Kodwa yena ibimfanele impela,” kusho lo mqeqeshi osemnkantshubomvu.
UHunt uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngokuthi uBarker angase alahlekelwe ngabadlali abasezingeni eliphezulu ngaphambi kwesizini ezayo.
Naphezu kwalokhu, uncome ukungaguquguquki nokulwa kweqembu lakhe.
Khonamanjalo, imiklomelo ye-PSL ihlehlisiwe ngenxa yokuthi iSundowns iya kwiFifa Club Club World Cup.
Kulindeleke usuku olusha lwalo mcimbi lumenyezelwe maduze.
