
Okwenza uKlate asole isandla semfene kwekaSaleng nePirates
Owayeyisihlabani se-Orlando Pirates, uDaine Klate, uthi uthemba ukuthi uMonnapule Saleng uzobuya eseqine futhi esengcono kakhulu ngesizini ezayo.
USaleng usenezinyanga eziyisithupha engadlali kwi-Orlando Pirates njengoba kubikwa ukuthi kunenkinga phakathi kwakhe nekilabhu.
Kubikwa ukuthi ubengazilolongi neqembu, kodwa wabe esebuya ngasekupheleni kwesizini yize engazange esalithola ijezi.
Umthelela wokungabi khona kwakhe eqenjini ubonakalile njengoba ebesephenduke umdlali obalulekile nothenjwayo ngaphansi kukaJose Riveiro.
Kube nokuqagela okuningi mayelana nezizathu zokunyamalala kukaMonnapule Saleng, kodwa uDaine Klate ukholwa ukuthi kukhona isandla semfene.
“Uqala ukubuza ukuthi ubani lo ofaka uSaleng lo moya ngoba lo mfana ukuthathaphi ukuziphatha ngale ndlela?
“Noma ngabe inkinga yini, kusobala ukuthi ndawana thize kukhona omfaka lo moya omubi,” kusho uDaine Klate kwiSoccer Beat.
Lesi sihlabani sakudala seBucs sithe izinto ezifana nalezi ziyenzeka ebholeni la kuba khona abafaka abadlali umoya wezikhova ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo ezimbi.
“Ukufakwa kwabadlali umoya omubi kukhona – kuyenzeka ebholeni,” kwengeza uKlate.
“Ngikubonile kwenzeka. Ukwenza isibonelo nje, ake sithi ngingumqeqeshi weChippa United.
“Ngitshela umdlali into ethile bese kuthi ngaphandle kube khona abanye abantu abangangithandi.
“Lokho kugcina kungamzuzisi umdlali. Mina ngifuna ukubona umdlali eqhubekela phambili, ekhula.
“Kodwa bese kuba khona otshala izinto ezimbi engqondweni yomdlali.
“Izinto ezinjengokuthi, ‘umqeqeshi akakuthandi, lokhu nalokho… Futhi unezintandokazi zakhe…’
“Lezo zinto ziyenzeka zona ebholeni. Sengethemba nje ukuthi uSaleng uzobuya eqinile ngesizini ezayo.
“Ngethemba ukuthi uzobeka eceleni ezinye izinto agxile ebholeni. Noma ngabe yinkinga yemali, ikhona indlela yokuyilungisa.
“Uma kuyinkinga yasekhaya, ikhona indlela yokuyixazulula. Noma ngabe yini inkinga, kunesixazululo.
“Sengethemba ukuthi sizombona ebuya maduze,” kwengeza uKlate osengumqeqeshi kwinkulisa yeChippa.
Uthe yize besikhona isikhala sakhe kwiPirates, kodwa leso akusona isizathu esenze leli qembu alangakwazi ukwengeza enye indebe kule sizini.
“Angicabangi ukuthi yisona sizathu esenza iPirates ayangakwazi ukumelana neSundowns kwiligi.”
