Ezintsha

Umfazi womdlali welePSL unekele izwe amahlazo omshado wabo

Umphakathi webhola laseNingizimu Afrika usale ushaqekile ngemuva kokuvela kwamahlazo owayengumdlali wePolokwane City uThabiso Semenya.

Esiwombeni esivuthayo se-Instagram Live, unkosikazi kaThabiso, uPotego Semenya uveze izinsolo ezinkulu ngomshado wabo.

Kwividiyo esisabalele ezinkundleni zokuxhumana, uPotego obebonakala ekhatahzekile, uveze izinsolo ezibucayi zokungathembeki kwalo mdlali webhola ongumakadebona.

Okushaqise kakhulu okuvele ngesikhathi salesi siqephu sibandakanya indlela abebephila ngayo emzini wabo laba bashadikazi.

UPotego usola uThabiso Semenya ngokuthi ube sebudlelwaneni bothando besikhathi eside nomzanyana wabo.

Uveze ukuthi kumanje le ntokazi ebibagadela abantwana kuthiwa ikhulelwe, wathi umyeni wakhe nguye uyise waleyo ngane.

Uchaze lesi simo njengokwephulwa okukhulu kokumethemba kwakhe njengoba umyeni wakhe ejole khona la endlini nomuntu abebephila naye.

Njengoba bekuvela lezi zindaba. isigaba sokuphawula besigcwele ingxube yabangakholwa, abawelana noPotego nalabo abamsolayo.

“Kubuhlungu ukubuka lento. Ukuthi kwenzeke ngaphansi kophahla lwakho nomuntu omethembayo… 

“Kwenzeka nomuntu obezonakekela izingane zakho kuyizinga elihlukile lobuhlungu,” kubhala omunye umlandeli.

Abanye baye bangabaza isinqumo sokuqeketha lezi zindaba eziyimfihlo kangaka esigcawini somphakathi esifana ne-Instagram Live.

Abanye baye baseka uPotego, bencoma “isibindi” sakhe ngokudalula iqiniso ebelifihlwe ngezithombe abebezishicilela ziveza umshado omuhle.

Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-43 ubudala waziwa njengomuntu oziphethe kahle enkundleni ngesikhathi sakhe kwiPlatinum Stars nePolokwane City.

Kushaye uLwesithathu ebusuku, uThabiso Semenya ubengakayikhiphi impendulo esemthethweni ngalezi zinsolo.