EzintshaMamelodi Sundowns

Ezithembisayo kwiSundowns ngensika enguMokoena 

Ukungabi khona kuka-Teboho Mokoena emdlalweni odlule we-Mamelodi Sundowns ngenye yezinto esezibalulwe ngokuthi ziholele kutaku nehlazo engeke kulo.

ISundowns yamangazwa yiWiliete yase-Angola iyibhulisa amazolo kwiCAF Champions League.

Kube nokusaba-ke kubalandeli ngokuthi izinto kusho zizoshuba kakhulu njengoba lo mdlali wasesiswini oyinsika yeqembu elimele.

Nokho udokotela weqembu, uDkt Carl Tabane, useveze ukuthi lo mdlali wasesiswini kulindeleke abuyele enkundleni emasontweni ambalwa ezayo ngemuva kokulimala edolweni.

UMokoena uqale ukulimala esemzabalazweni weqembu lesizwe iBafana Bafana, waphuthelwa yimidlalo ne-Eritrea ne-Egypt. 

Ubuye wadlala imizuzu engu-90 kowamanqamu weMTN8 iSundowns ibhekene ne-Orlando Pirates.

Waphinde wadlala engu-63 bebhekene neRichards Bay FC kwiBetway Premiership.

Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, uveze ukuthi lo mdlali wadlala esezwa ubuhlungu kowamanqamu weMTN8, idolo lingakalulami ngokuphelele.

UDkt Tabane uthe uMokoena uphinde walimala endaweni efanayo.

“Sithemba ukuthi uzobuya ngesonto elilodwa noma amabili. 

“Sisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi ubuya ngokushesha,” kusho uDkt Tabane.

Lezi yizindaba ezinhle kumqeqeshi weBafana Bafana, uPitso Mosimane, njengoba ezomdinga uMokoena emidlalweni emibili neKenya.

Yize u-Teboho Mokoena engase asheshe abuye, i-Mamelodi Sundowns isabhekene nokulimala kwabanye abadlali abamqoka okukhona kubo uKhuliso Mudau, uGrant Kekana, uKeanu Cupido noKegan Johannes.