EzintshaKaizer Chiefs

UMotaung uphendula eyikumataniswa kukaMngqithi neChiefs

Umqondisi wezemidlalo kwi-Kaizer Chiefs, uKaizer Motaung Junior, usephumele obala ngamahlebezi amatanisa le kilabhu nomqeqeshi uManqoba Mngqithi.

UMngqithi akasebenzi ndawo kulandela ukuxoshwa kwakhe isigubhukane kwiYoung Africans yaseTanzania ngempelasonto. 

Izindaba zokuthi abaphathi beChiefs baxoxa naye ziqhamuke ngesikhathi kunengcindezi yokuthi bahlukane nomqeqeshi uFernando Da Cruz ngenxa yemiphumela engagculisi selokhu kuqale isizini.

Ebhala kwi-X, u-Innocent wakwaMkhize, uthe unolwazi lokuthi i-Kaizer Chiefs isiziqalile izingxoxo no-Manqoba Mngqithi, oke waqeqesha iMamelodi Sundowns.

“Ngokwezindaba engizizwayo, izingxoxo seziyaqhubeka ngasese, kodwa uManqoba akalifuni ithimba labaqeqeshi elikhona njengamanje,” kubhala yena.

UMotaung Junior uziphendule kafushane kulezi zinsolo wathi: “Amanga aluhlaza cwe.”

Lokhu kungase kwehlise ingcindezi kuDa Cruz okwesikhashana, kodwa ikusasa lakhe lisangabazeka.

IChiefs isanda kukhishwa yiRed Arrows yaseZambia kwiCAF Confederation Cup sekukhahlelwa amaphenathi.

Imidlalo ezayo neTS Galaxy kwiCarling Knockout Cup ne-Orlando Pirates kwiSoweto Derby ingaba nomthelela omkhulu kwikusasa likaDa Cruz.