
EZISHISAYO! IDurban City nezinye izinguquko kubaqeqeshi
IDurban City FC isiphinde yahlukana isigubhukane nomqeqeshi wayo owesibili kule sizini.
Sekuvele ukuthi leli qembu selinqume ukuhlukala unomqeqeshi uSinethemba Badela.
Uxoshwa nje bekusaphele amasonto ambalwa kade eqashiwe ukuzovala isikhala sikaGavin Hunt.
UBadela wethulwe njengomqeqeshi ngoDisemba 26, kanti usekhululwe ngemuva kwemidlalo emithathu nje kuphela ephethe.
Isikhathi sakhe esifushane sikhiqize imiphumela exubile: unqobe ngo 1-0 kwiPolokwane City, wahlulwa yiChippa United ngo 2-0 kweyeBetway Premiership.
Uphinde wanqoba oweNedbank Cup, eshaye yona belu iChippa sekukhahlelwa amaphenathi ngempelasonto.
Manje iFARPost ibika ukuthi abaphathi bekilabhu bayalibona futhi bayalivuma impela ikhono likaBadela.
Kodwa bakhala ngokuthi indlela yakhe yokudlala izothatha isikhathi eside ukujwayeleka kubadlali kanti bona bajahe imiphumela ikakhulukazi njengoba sekubhekwe ekupheleni kwesizini.
Kuvela ukuthi ngabadlali abakhale ngoshintsho afike nalo ukuthi akuzuba lula ukulubamba ngokushesha.
Ngaphambilini uBadela kwayena wash ukuthi indlela yakhe yokwenza izothatha isikhathi ukugxila kubadlali.
“Sethula isitayela sokudlala esihlukile kancane, esingase sithathe isikhathi,” kusho yena ngemuva kokuqokwa kwakhe.
Obeyiphini lakhe uPitso Dladla nguye ozothatha izintambo okwesikhashana kanti iqembu lisazocubungula ngomqeqeshi walo olandelayo.
Njengamanje iDurban City ihlezi endaweni yesithupha kwilogi njengoba inamaphuzu angu-25 kanti isekhona nakwiNedbank Cup.
FUNDA NALA | OweChiefs ukhala ngePSL ekhethe iphela emasini
Ukuhamba kukaBadela kuphawula ukuxoshwa khakhe okwesibili kule sizini, kulandela ukukhonjwa kwakhe indlela kwiChippa.
Nakulo leli qembu laseMpumalanga Kapa uhlale isikhashana njengoba axoshwa ngemuva kwemidlalo emibili ekuqaleni kwale sizini.
