
EZIKHETHEKILE! UStanley Nwabali uveza okumsuse kwiChippa
ALFRED Ngubane
UStanley ‘Bobo’ Nwabali useveze okwenze acele ukuba akhululwe kwiChippa United abesehlale kuyo iminyaka engaphezu kwemithathu.
IChippa imemezele ngoLwesine ntambama ukuthi seyivumelane nalo nozinti odabuka eNigeria ukuthi behlukane ngesihle.
ILISENETHINI ibe seyiphonsa ucingo kulo nozinti ukuthola ukuthi ngabe yini eyenza bahlukane isigubhukane kanjena.
“Hhayi akuxatshenwe neze,” kusho yena. “Kube wukufika kwesikhathi nje sokuthi sihlukane ngokuthula neChippa United.”
Ebuzwa ngokuthi njengoba ecele ukukhululwa nje ngabe likhona yini iqembu asethole kulo umsebenzi, uvelewanikeza impendulo ejwayelekile.
“Hhayi njengamanje alikho iqembu engikhuluma nalo noma eselingisayinile,” kuqhuba uNwabali.
IChippa United ikhiphe isitatimende imemezela ukuhlukana nalo nozinti waseNigeria ngokuthula ngaphandle kwezingxabano.
Leli qembu libonge uStanley Nwabali ngomsebenzi omuhle awenzele lona ngesikhathi ekulo kusukela ngo-2022.
Ngesikhathi sakhe kwiChippa, uStanley Nwabali uphenduke isethenjwa naseqenjini lesizwe laseNigeria, iSuper Eagles la asedlale khona imidlalo engu-35 .
FUNDA NALA | UCardoso usecikekile abafuna axoshwe, uthi ‘gede’
Yize engafunanga ukuphawula ngekusasa lakhe okwamanje, kodwa kuzokhumbuleka ukuthi uke wamataniswa namaqembu amakhulu kuleli.
Uke wakhonjwa kwiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns phambilini, kodwa lokho kwabuye kwaphelela emoyeni.
