Ezintsha

Kuvela okwenza u-Olisa Ndah awoke ukuhlala kwiPSL

Imibiko yakamuva iveza ukuthi kunentshisekelo eqinisekisiwe evela ekilabhini yaseLibya i-Al Shomooa kulo mdlali wasemuva.

Lo mdlali waseNigeria usanda kuhlukana nePirates ngemuva kokudlala imidlalo engu-81 kanti manje usecubungula ngokucophelela umnyakazo wakhe olandelayo. 

Imenenja yakhe, uMike Makaab weProsport International, isidalule ukuthi u-Olisa Ndah usekuvezileukuthi isifiso sakhe esikhulu wukuhlala eNingizimu Afrika.

Ngemuva kwesikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala, lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala usegxile ekubuyeleni ekudlaleni. 

NgokukaMakaab, izinyanga ezingu-12 kuya ku-24 ezizayo zizocacisa ngekusasa likaNdah ebholeni.

“Umqondisi wezemidlalo (we-Al Shomooa) ubeseke waxhumana nami  futhi sibe nezingxoxo, uMakaab üsho kanje kwiFARPost. 

“Kodwa okuhamba phambili njengamanje ku-Olisa wukuhlala eNingizimu Afrika. 

Udinga uzinzo ezinyangeni ezingu-12 kuya kwezingu-24 ezizayo. Useluleme ekulimaleni kwakhe futhi usekulungele ukudlala.”

UMakaab wengeze ngokuthi nakuba u-Olisa Ndah eqinile ngokomqondo, ukuthuthela endaweni entsha kulesi sigaba kungaba yingozi.

“Okubalulekile wukuba sendaweni ayijwayele. Ukube ubedlala njalo, mhlawumbe ngabe sicabangile ngokuthi ahambe,” kuqhuba le menenja.

UNdah ujoyine iPirates esuka kwi-Akwa United ngo-2021 kanti useyijwayele impilo nebhola laseNingizimu Afrika.

Yingakho ukuhlala kuleli kuyinto ayibona izomsiza njengamanje kuze kube okungenani ubuyela emgqigqweni wakhe.

Kuvela nokuthi akhona amaqembu eBetway Premiership aseqalile ukubuza ngaye, futhi kulindeleke kucace ngaye emasontweni ambalwa ezayo.