
Ezintsha ngo-Keegan Dolly neCape Town City
Owayengumdlali weBafana Bafana, uKeegan Dolly, usehlukene ngokusemthethweni neqembu abedlala kulo iCape Town City.
Lokhu kusho ukuthi manje usengumdlali okhululekile ongazikhethela iqembu azolijoyina mahhala.
ISoccerBeat ibika ukuthi zombili izinhlangothi zifinyelele esivumelwaneni sokuqeda ubudlelwano bazo.
Lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala ube esekhululwa kwinkontileka yakhe.
Lokhu kuvula ithuba lokuthi u-Keegan Dolly aqale isahluko esisha emsebenzini wakhe, njengoba engase asayinwe yinoma yiliphi iqembu ngaphandle kokukhokha imali yokumthenga.
UDolly ujoyine iCape Town City ngemuva kokushiya iKaizer Chiefs, lapho achithe khona amasizini amathathu.
Yize ekwazile ukukhombisa amakhono akhe ngezikhathi ezithile, ukulimala nokungatholi isikhathi esanele sokudlala kumvimbele ukuthi abuyele ezingeni lakhe eliphezulu.
- FUNDA NALA | IPirates iphawula ngokuhamba kukaMofokeng
Njengoba iwindi lokuhwebelana ngabadlali lisavuliwe, kulindeleke ukuthi amaqembu amaningi akhombise intshisekelo yokusayinisa lo mdlali.
Ukuthi u-Keegan Dolly uzodlala kuphi ngesizini ezayo kusazobonakala, aknti kungenzeka aqoke nokuqaphonsa emgibeni amakhokho akhe.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
