
Ubuyele kwiPirates uSiyabonga Mpomtshane
- Intatheli yeLISENETHINI
Obengunozinti we-Orlando Pirates, uSiyabonga Mpontshane, usebuyele kuleli qembu. Manje useyiphini lomqeqeshi wonozinti.
UMpontshane, oneminyaka engu-38, ukhululwe ngesizini edlule ngemuva kweminyaka eyisishiyagalolunye egijima kuleli qembu.
Wayejoyine iPirates esuka kwiPlatinum Stars.
Yize bekulindeleke ukuthi aqhubeke nokudlala kwezinye izindawo kodwa uMpontshane usethole ithuba elisha.
Uzosiza umqeqeshi wonozinti njengamanje uTyron Damons.
UMpontshane ubonakale esebenzisana noDamons ngoLwesine ngesikhathi iPirates izicijela umdlalo olandelayo.
IPirates ilungiselela umdlalo wayo weCaf Champions League neDisciples FC.
Umdlalo uzodlalwa ngoLwesihlanu ebusuku e-Orlando Stadium.
UMpontshane ubesebenza nonozinti kodwa ikilabhu isazokhipha isimemezelo ngaye.
Ubededelwe kanye nonozinti waseGhana uRichard Ofori.
U-Ofori akakalitholi iqembu elisha kanti useseNingizimu Afrika.
OLUNYE UDABA:Â UMiguel uveza imizwa yakhe ngokusayina kwiChiefs
Uzilolonga yedwa ngethemba lokuthi elinye lamaqembu eBetway Premiership lizomnika ithuba.
