EzintshaMTN8

Ezintsha ngezethenjwa zePirates ezilimele

Kufanele ukuthi zizofudumala izinhliziyo kubalandeli be-Orlando Pirates njengoba kuvela izindaba ezinhle ngezethenjwa ezilimele. 

IPirates idlale umdlalo odlule bengekho o-Olisa Ndah noMonnapule Saleng abawumgogodla weqembu.

Ngaphambi kwalo mdlalo weRichards Bay, laba badlali bebengakaphuthelwa mdlalo eqenjini likaJose Riveiro kule sizini. 

URiveiro ukuqinisekisile ngemuva komdlalo wangempelasonto ukuthi bathola ukulimala bebhekene nePolokwane City. 

Ukungabonakali kwabo nasejimini yePirates ngoLwesibili njengoba ilungiselela umdlalo omkhulu, kudale uvalo kubalandeli.

IPirates izogadulisana neStellenbosch FC emdlalweni wamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium. 

USaleng ubesefomini enhle futhi elitakula sekunzima iqembu ngokushaya amagoli abalulekile umdlalo sewuphela. 

UNdah yena wakhe udonga olungabhodlozeki kalula emuva noThabiso Sesane.

Ukungabi bikho kwabo kulo mdlalo wamanqamu akungabazeki ukuthi kungashiya esikhulu isikhala. 

Kodwa iLisenethini seyithole ukuthi laba badlali bazobe bekhona kulo mdlalo njengoba sebeluleme manje. 

Kubikwa ukuthi ukungadlaliswa kwabo ngempelasonto bekuyindlela yokuqinisekisa ukuthi abathunukali futhi kushaya usuku lomdlalo sebeyiqemane ngokugcwele. 

“Bona bathinteka kodwa bekungeyona into enkulu kangako,” kusho osondelene neqembu ocele singamdaluli. 

“Uzokhumbula ukuthi bobabili bakhishwa ungakapheli umdlalo wePolokwane City.

“Lokho kwakwenzelwa ukuthi bengaze belimale kakhulu, nokubanika ithuba lokuphumula kwazise bese bedlale imidlalo eminingi.”

Uqhhube wathi ukungabonakali kwabo ejimini yingoba bona bebeqale bayohlolwa wodokotela.

“Kodwa bagcine beyile ejimini, wukuthi nje boba bekumele baqale bayoxilongwa ngaphambi kokujoyina ozakwabo. 

“Bona bakulungele ukudlala, ungethuki uma usubabona besohliwni lwabaqala umdlalo ngoMgqibelo,” kuqhuba lo mthombo.

IPirates kubhekwe ukuthi iqophe umlando ngokunqoba le ndebe okwesithathu kulandelana.