EzintshaKaizer Chiefs

Owodumo kwiKaizer Chiefs nemizamo yokubuya ebholeni

Owayengumgadli weKaizer Chiefs u-Itumeleng Shopane uthi akakalilahli ithemba ngokuvuselela umsebenzi wakhe webhola. 

Wake wabonakala enekusasa elihle njengoba aphuma ezikhungweni zokuthuthukisa amakhono zeChiefs.

Kodwa izinto zabuye zambhimbela lo mgadli oseneminyaka engu-28 ubudala.

Ukhala ngokuthi izinto zakhe zime nse ngemuva kokushiya iMarumo Gallants eminyakeni emibili edlule. 

“Okokuqala, ngifuna ukusho nje ukuthi bekulokhu kuya le nale,” kusho uShopane kwiSoccer Laduuma.

“Kodwa iqembu lokugcina lapho ngathola khona uzinzo kwaba yiMarumo Gallants ngaphambi kokuthi ithenge iSwallows.”

Ngokusho kukaShopane, izinto zaba nzima ngemuva kwezinguquko ethimbeni labaqeqeshi kwiGallants.

Isimo sagcina simphoqa ukuthi ashiye kuleli qembu. Lo mdlali okhuliswe yiKaizer Chiefs uke waziqeqesha neSekhukhune United ekuqaleni kwalo nyaka.

Kodwa ngenxa yokuthi akakabi nayo incwadi emkhulula ukuba ajoyine elinye iqembu, kwagcina kungahlangananga.

“Ngithole ithuba lokuziqeqesha neSekhukhune. Inkinga kwaba yincwadi yokungikhulula njengoba iFree Agents FC yayingafuni ukungikhulula,” kuchaza yena.

“Kuphoqe ukuthi ngihlale ekhaya la kumanje ngizijimela ngokwami. Ngidinga nje ithuba.”