
Ezinhle ngowePirates nelaseMauritius, kuvela onagwubuka khona
I-Orlando Pirates izobhekana neLa Cure Waves yaseMauritius emdlalweni womlenze wesibili kweyokuqala yokuhlunga kwiCaf Champions League.
Lo mdlalo ungoMgqibelo e-Orlando Amstel Arena kanti uzoqala ngo-3 ntambama.
Umlenze wokuqala ekuhambeni uphele zibambene ngo-0-0, okwenyuse ingcindezi kwiPirates ukuthi iqedele umsebenzi ekhaya.
Noma yiliphi elizonqoba phakathi kwawo e-Orlando yilo elizodlulela esigabeni sesibili sokuhlunga.
ILa Cure ingashiya eziMnyama zibona amagagasi eGoli uma umdlalo ungaphinde uphele zibambene kodwa kunamagoli.
Nokho likhulu ithemba kubalandeli ukuthi i-Orlando Pirates izobukisa ngaleli qembu uma seyiseSigodini sikaMaminzela.
Yingakho-ke umdlalo usubhekwe ngabomvu, ikakhulukazi njengoba umdlalo wokuqala bengazange bawubone abalandeli.
Babone amazwibela nje, nawo angatheni njengoba bewungekho kumabonakude.
Kodwa-ke ezinhl ngezithi lo womlenze wesibili uzoba bukhoma kumabonakude, okusho nalabo abangeke bakwazi ukuya enkundleni bazokwazi ukuwubuka.
Uzokhonjiswa kuSABC 2 nakuSuperSport 205. Umdlalo uqala ngo-3 ntambama.
Kanti ke uma uzobe umatasa ngaleso sikhathi, ingeke ukwazi ukuwubuka, khululeka.
Okumele ukwenze nje wukujoyina ishaneli yethu yeWhatsApp ngoba sizokwethulela wona khona ngokukuvezela konke okubalulekile ngawo. Ilinki yokuyojina ingezansi.
- FUNDA NALA | U-Ouaddou ubona uZidane koweBucs
Kulokho sibala amagoli nezigameko ezibalulekile zalo mdlalo okubhekwe i-Orlando Pirates iwulawule futhi ishaye inqwaba yamagoli kuwo.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
