
URalani ugonyuluka ngokugejiswa uLorch kwiBucs
Owayeyisihlabani seMamelodi Sundowns, uSurprise Ralani ubale ukungaphumeleli kokuya kwi-Orlando Pirates njengnye yezinto ezibuhlungu ngomsebenzi wakhe webhola.
U-Surprise Ralani, owaziwa ngokudlala ngokushesha nangekhono lomjiko, uthi wayekhulume nomphathi wePirates u-Irvin Khoza mayelana nokufudukela eqenjini lakhe.
Kodwa-ke kwabe sekuvela uThembinkosi Lorch, okwenza akangabe esaphumelela ukuyodlala kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Ekhuluma kwiSports Nights Amplified kuMetro FM kuleli sonto, uRalani uphinde wadalula ubuhlungu bakhe ngokuzitshwa ngabaqoki beBafana Bafana ngisho eseqophelweni eliphezulu.
- Sicela ulandele ikhasi lethu kuFacebook, cofa lana: Lisenethini.co.za
“Ngakhuluma nosihlalo, u-Irvin Khoza, mathupha ngokujoyina leli qembu,” kusho u-Surprise Ralani.
“Kodwa ukuthuthela kwiPirates akuzange kwenzeke ngoba ezinyangeni eziyisithupha zokugcina zesizini uLorch wayesefomini eChippa.
“Wayemncane kunami, futhi banquma ukuthatha yena esikhundleni sami.”
ULorch wayekade ebolekiswe yiPirates kwiChippa ngaleso sikhathi ngenhloso yokuthi ayoqiniswa ukhakhayi.
U-Surprise Ralani uphinde wakhuluma ngobuhlungu anabo ngokuthi akakaze adlalele iqembu lesizwe kunoma yiliphi izinga.
“Kusabuhlungu nanamuhla ukuthi angikaze ngigqoke imibala yezwe emsebenzini wami,” kuvuma yena ngenhliziyo ebuhlungu.
“Ngangingumdlali oyisihlabani kuwo wonke amaqembu engidlale kuwo, futhi njengoba sisho, izinombolo aziwaqambi amanga.
“Ngesinye isikhathi kwakuba buhlungu uma ngibheka ukuthi kungani nginganakwa mina.
“Kuze kube manje, angiqondi; angiqondi ukuthi kungani ngingakaze ngifinyelele eqenjini lesizwe.
- FUNDA NALA | AwaseGoli ahlela ukulinga AmaZulu ngesihlabani sawo
Njengamanje uRalani usedlala kwiHungry Lions ekwiMotsepe Foundation Championship.
Nokho usebheke kakhulu ukukhulisa indodana yakhe u-Emile Witbooi ukuthi afike lapho yena engafinyelelanga khona ngebhola lakhe.
UWitbooi ukwiCape Town City kanti udlale okokuqala eqenjini elikhulu ngempelasonto, okuyinto emjabulise kakhulu uyise.
- ZITHOLE ZISHISA | Cofa la, ujoyine iWhatsApp Group yethu
