DStv Premiership

ISpurs isavulelekile ekudayiseni  ‘uma imali ifanele’ 

  • Intatheli yeLISENETHINI

Lokhu kwenzeka nakuba isikhulu esiphezulu seSpurs u-Alexis Efstathious sithe iqembu selizogxila kakhulu emidlalweni yeMotsepe Foundation Championship.

Uthe ngeke besazihlupha ngamaqembu afuna abadlali babo njengoba isizini yeMotsepe Fiundation Championship isiqalile nje kwazise balwela ukubuyela kwiPremiership.

UManousakis uphawule kanje ngemuva kokuvela kwemibiko yokuthi iSpurs isinqabile isicelo seKaizer Chiefs ngomdlali wasesiswini u-Asanele Velebhayi.

Inqabe nesinye ebesivela kwiStellenbosch FC, yona ebifuna ukudayiselwa umgadli u-Ashley Cupido. 

Ugcizelele ukuthi nakuba ikilabhu ifuna ukugcina abadlali bayo abasezingeni eliphezulu, kodwa ngeke ibavimbe ukuthi bahambe uma kufika izicelo ezifanele.

“Sinendlela esikala ngayo inani labadlali bethu,” kusho uManousakis kwiSABC Sport. 

“Uma othile ezimisele ukukhokha leyo mali ebekiwe, ngeke engathengiselwa umdlali.”

Uvumile ukuthi kungenzeka kungene ezinye izicelo ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi lokudayiselana ngabadlali. 

“Sifuna okwenzekayo kube kuhle ekilabhini nakubadlali, ngakho sizobona ukuthi kwenzekani,” kwengeza yena.

I-SABC Sport ibike ukuthi iChiefs iqale yavela ngo-R4 million ifuna uVelebhayi, osehlale kuSpurs iminyaka engaphezu kuka-10. 

Nokho, njengoba kusasele iminyaka emibili enkontilekeni yakhe, iSpurs kubikwa ukuthi ifuna imali ethe xaxa.

IStellenbosch FC nayo iphinde yakhombisa intshisekelo ngokaputeni weSpurs, uChumani Butsaka kodwa yachithwa ngoba ekubekile kungenelisi. 

Naphezu kokungaqiniseki, uManousakis ujabule ngokuba nomgogodla weqembu lakhe. 

“Njengabaqeqeshi siyafuna ukugcina abadlali bethu abasezingeni eliphezulu kodwa uma kuvela izinto ezifanele kumele nibacabangele,” usho kanje. 

“Abadlali abayisikhombisa abaqale namuhla (bedlala ne-University of Pretoria ngoMgqibelo) nabo baqale emdlalweni wethu wokugcina (wePremiership) neKaizer Chiefs. 

“Ukugcina umgogodla weqembu kusisiza ukuthi sakhe isisekelo esiqinile ukuya phambili.”