
Uphi kanti uSaleng? URiveiro uyacacisa
UMonnapule Saleng ubonwe ezilolonga ne-Orlando Pirates njengoba izilungiselela umdlalo wayo weCaf Champions League.
IBucs izobhekana neStade d’Abidjan e-Orlando Stadium ngoMgqibelo, kaJanuwari 4, ngo-6 ntambama.
Lo mdlalo kaGroup C ulandela ukuthi zibambane ngo 1-1 emlenzeni wokuqala e-Ivory Coast ngenyanga edlule.
IPirates ihlezi endaweni yesibili eqoqweni, ilandela i-Al Ahly ngamaphuzu amabili, kanti inqobe owodwa, yadlala ngokulingana kwemibili kuze kube manje.
Ukungabikho kukaSaleng kwakamuva sekuqae ukuqagela ngekusasa lalo mdlali kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Lo mdlali usadlale imidlalo emithathu kuphela yeligi kule sizini, usephuthelwe imidlalo engu-11 isiyonke.
Ngesizini edlule udlale imidlalo engu-27 wageja eyisishiyagalombili kuphela ngenxa yokulimala.
Ukubuya kwakhe kujatshulelile ngesikhathi bebhekene ne-Al Ahly ngenyanga edlule.
Nokho uphuthelwe imidlalo emithathu elandela laphoo, okuhlanganisa nokunqoba kwePirates ngo 8-1 ihlula iMarumo Gallants.
Njengoba sekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali likaJanuwari, ikusasa likaSaleng kwiPirates alikaqinisekiswa.
Lapho ebuzwa ngokutholakala kwalo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala, umqeqeshi uJose Riveiro ukugweme ngobuchule ukunikeza impendulo eqondile.
“Ngokusobala, ngeke ngikutshele kusasele amahora angu-24 ngaphambi komdlalo ukuthi ubani okhona nokuthi ubani ongekho,” kusho uRiveiro.
“Okokuqala, ngoba siseneseshini yokuziqeqesha esele Uma sesiqedile ukuzicija, sizokwazi ukuthi ubani okhona nokuthi ubani ongekho.
“Ngicabanga ukuthi uzoqonda ukuthi ngeke ngisho lutho ngokuthi ubani ozoba seqenjini labangu-20 abaya emdlalweni, nabangu-11 abazoqala umdlalo.”
Uthe uma engakhipha lolo lwazi, ngabe ulekelela izimbangi zabo ukuthi zikwazi ukubahlelela kahle kusenesikhathi.
“Ngeke ngisho ukuthi ubani ongeke adlale. Ngoba lezo yizinto ezincane ezibuye zidlale indima enkulu kulo mdlalo.
“Imbangi yethu ingathanda ukwazi ukuthi ubani ozodlala. Ngakho ngeke sikwazi ukubanika lolo lwazi.
“Ngakho-ke, ngeke ngikutshele ukuthi ubani okhona noma ongekho. Ngiqinisekile ukuthi uyakuqonda lokho.”
