
Kungasiza abadlali nePirates ukukhulula laba
I-Orlando Pirates ineqembu eligcwele ithalente, futhi lokhu sekuholele ekutheni abanye abadlali belizwe ngendaba ijezi.
Abanye sebegcina bekhohlakala njengoba sebenesikhathi bagcina ukubonakala enkundleni.
Isivele-ke iPirates ibadedelilwe abanye ekupheleni kwesizini edlule, kanti isanda kudedela noSandile Mthethwa odlala emuva.
Naba abadlali abahlanu abangase bahlomule ngokuqhubekela phambili, basuke kwiPirates.
UNdabayithethwa Ndlondlo
Lo mdlali wasesiswini usadlale imidlalo emibili kuphela kule sizini.
UThalente Mbatha, Makhehleni Makhaula noMiguel Timm yibo abadlala njalo.
Kukhona noSelaelo Rasebotja kanti lokhu kwenza uNdlondlo abe semuva kakhul ohlwini lwabadlali okukhethwa kubo iqembu eliqala imidlalo.
UBandile Shandu
Ukulimala okuhlasele uShandu kusukela ejoyine iPirates esuka kwiMaritzburg United ngo-2021 kumkhubazile.
Ngesikhathi engekho, iPirates isayine oThabiso Lebitso noDeono Van Rooyen abadlala kule ndawo yakhe.
Kukhona namahlebezi athi izosayina noThabang Matuludi wePolokwane City.
Uma kunjalo, kusobala indawo imphelele uShandu njengoba kusekhona noThabiso Monyane phambi kwakhe.
UZakhele Lepasa
Lo mgadli ubukeka engasekho ezinhlelweni zomqeqeshi uJose Riveiro.
U-Evidence Makgopa noTshegofatso Mabasa manje sebengaphambi kwakhe ngokulandelana.
Kukhona nomfana omncane, uBoitumelo Radiopane okhuliselwa ikusasa.
UGoodman Mosele
Isikhathi sikaMosele kwiPirates sibe yinselelo. Ukulimala kwawakhubaza kakhulu amathuba akhe futhi kube nomthelela omubi.
Ukubolekiswa kwangaphambilini kwiChippa United akuzange kusize, futhi manje akasadlali ngenxa yokulimala isikhathi eside.
UKatlego Otladisa
Lo mdlali wasesiswini ujoyine iPirates ngesizini edlule kodwa uthwale kanzima ukungena eqenjini eliqala imidlalo.
Kumanje ubolekiswe kwiSekhukhune United kanti kubukeka lizovuseleleka ibhola lakhe khona.
Ngakho ukufudukela kuyo unomphela mhlawumbe kungaba yinto enhle eholeni lakhe.
Ukukhulula laba badlali kungazuzisa ikilabhu ngokwayo nabo laba badlali.
Lo mbiko ususwe kwa-Afrik-Foot ZA
