Ezintsha

UBilliat usevuke ngeqembu elisha kwiPSL

Owayengumdlali weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns uKhama Billiat useneqembu elisha. 

Lo mdlali oneminyaka engu-34 ubudala usayine neqembu elisha lePSL yaseZimbabwe, iScottland FC.

Lokhu kulandela ngemuva kwesizini encomekayo ka-2024 abe nayo neYadah FC khona kwelakuno eZimbabwe.

UBilliat ugqame kwiYadah FC ngesizini edlule, washaya amagoli angu-13 futhi wanikeza nabasizi abangu-11. 

Amagoli akhe angu-24 aqondile amenze waphuma isibili kwiSoccer Star of the Year.

Ngemuva kokuphelelwa yinkontileka yakhe kwiYadah ekupheleni kukaDisemba,, uBilliat ube esejoyina ngokushesha iScottland FC. 

Leli qembu limemezele ukusayina kwakhe ezinkundleni zokuxhumana kodwa alizange lidalule imininingwane yenkontileka.

Lokhu kuphawula isizini yesibili kaBilliat esigabeni esiphezulu eZimbabwe ngemuva kweminyaka engaphezu kwesyishumi esebholeni laseNingizimu Afrika.

IScottland FC, esanda kukhushulelwa kwiPSL, izothembela kuBilliat nekhono lakhe lokushaya amagoli kwisini yayo yokuqala. 

Izothemba ukuthi ukuba khona kwakhe kuzofukula nozakwabo, bakwazi ukulwela ukuzinza kulesi sigaba esiphezulu sebhola eZimbabwe.