EzintshaNedbank Cup

Kuzogiya abePirates kumenyezelwa izinkundla zeyeNedbank Cup

Lesi simemezelo sesinamasonto silindiwe kusukela kwaqhathwa amaqembu azodlala kulo mqhudlwano ngasekuqaleni kwale nyanga. 

I-Orlando Pirates yaqhathwa ekuhambeni emzuliswaneni wokuqala la izobhekana khona neqembu lezigaba zeSafa eLimpopo iTshakhuma Tsha Madzivhandila.

Leli qembu lizinze eVenda eLimpopo kodwa umdlalo walo selinqume ukuwisa eThekwini la i-Orlando Pirates izoheha izinkumbi zabalandeli khona.

Khona bekuvele kungangabazeki ukuthi noma ungaba kuphi lo mdlalo, kuzoba yiPirates enabalandeli abaningi enkundleni.

Kodwa ukuwusa eThekwini kuyivuna kakhulu njengoba kwaziwa ukuthi abalandeli bayo bavele bayigcwalise phama le nkundla.

Imidlalo yomzuliswano wokuqala izoqala ngoFebhuwari 4, kanti izoholwa phambili ngowompetha bale ndebe bangesizini edlule iKaizer Chiefs.

Lezi zinkunzi zaseSoweto zaqansiseleka njengoba zaqhathwa neStellenosch FC ekuhambeni kanti lo mdlalo uzoba se-Athlone Stadium eKapa. 

Uyobe sewulandelwa ngoweMamelodi Sundowns okulindeleke izigwazele ibhece kwiGomora United ngawo uLwesithathu kaFebhuwari 4.

Lo mdlalo uyoba seLoftus Stadium kanti yomibili iyoqala ngo-7 ebusuku. Imidlalo yalo mqhudelwano iyobe seyiqhubeka kuze kube nguLwesibili lukaFebhuwari 10.