
Du Preez: Akukho engibheke ukukuvezela uNabi
- Intatheli yeLISENETHINI
Umgadli weKaizer Chiefs, u-Ashley Du Preez, uthi akanaso isidingo sokukhombisa umqeqeshi uNasreddine Nabi njengoba ezodlala kwiCarling Black Label Cup.
Lo mgadli oneminyaka engu-27 ubudala useqale imidlalo emine ilandelana kuMakhosi, washaya amagoli amathathu emidlalweni engu-10 kule sizini.
Kodwa ngaphezu kwalokhu, uDu Preez ukhishwe ngesikhathi sekhefu emdlalweni wokugcina weqembu, kwangena uRanga Chivaviro.
Njengoba uNabi esazama ukuthola umgadli azothembela kuye, leli thuba lokudlala kule ndebe libonakala liyithuba likaDu Preez lokuzibonakalisa.
Ungomunye wabadlali abaqokwe ngabalandeli ukuthi badlale eqenjini le-All Stars elikhethwe abalandeli.
I-All Stars izobhekana neMagesi FC e-Orlando Stadium kanti umdlalo uzoqala ngo-3.30 ntambama.
UDu Preez uphendule ngokuzethemba, echitha noma yisiphi isiphakamiso sokudinga ukuzibonakalisa.
Lo mgadli usagxile emdlalweni wakhe njengoba iChiefs isaqhubeka nokuthungatha abanhye abagadli ezoqinisa ngabo.
“Lona ngumncintiswano ohlukile, awuhlanganise lutho nekilabhu,” kusho uDu Preez kwabezindaba.
“Noma yini eyenzekayo, izokwenzeka. Angizile ukuzokhombisa okuthile kumqeqeshi weChiefs.
“Kimina kuwukuza nje lapha ukuze ngizothokozise. Kuyinto ehlukile ezingeni lekilabhu ukuba kwiCarling Black Label.
“Kimina njengomdlali, kuwukuphuma nje ukuze ngizijabulise futhi ngenze lokho engingakwenza.”
