Bafana BafanaEzintsha

OweLesotho uxwayisa iBafana Bafana ngokungase kuyehlele

Ukuveze lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo wabo ne-Bafana Bafana ozoba ngoLwesihlanu.

ILikuena, okuyigama lesidlaliso leqembu lesizwe laseLesotho, ihlezi endaweni yesine kuGroup C, isele ngamaphuzu amabili nje kuphela kwiBafana Bafana.

Inqobe owodwa, yadlala ngokulingana kabili, yabe seyihlulwa kowodwa emidlalweni emine esayidallile. 

Umphumela owenze babonakala ukuthi ngeke babe wumshini la wonke amaqembu ezitamuzela khona amaphuzu kube yila bedlale khona ngokulingana neNigeria.

Ngalokhu, uNotsi ukholwa ukuthi leli qoqo lisavuleke kakhulu futhi noma yiliphi iqembu lingakwazi ukuqeda liqhwakele kulo. 

“Njengoba kusasele imidlalo eyisithupha nje, iqembu ngalinye lisenalo ithuba. Izintandokazi kusafanele zithole amaphuzu azo,” kusho yena.

ILesotho izobhekana nemidlalo emibili ekuhambeni kule nyanga, izolibangisa eRwanda ngemuva kokudlala ne-Bafana Bafana ePolokwane. 

UNotsi uyavuma ukuthi lokhu kwenza umsebenzi wabo ube nzima, kodwa unethemba lokuthi bengashiya kukhalwa kulamazwe abaya kuwo.

“Sidinga ukuvikela amaphuzu. Ukudlala kude kwenza kube nzima kakhulu, kodwa sikujwayele,” kuqhuba yena.

Lo mqeqeshi uyazi ukuthi le midlalo ngeke ibe lula kodwa uthi iqembu lakhe lizimisele ngokulwa. 

“Kufanele sisebenze ngokuzikhandla njengoba sizobhekana namaqembu aqinile njengeNingizimu Afrika neRwanda,” kwengeza uNotsi. 

“Kodwa siyazamukela lezi zinselelo njengoba zisisiza ukuthi sikhule njengezwe lebhola eliqhudelanayo.”

ILesotho bekulindeleke ukuthi kube yiqembu elibuthaka kunawo wonke eqoqweni, kodwa umphumela wayo neNigeria uveze ukuthi akumele ithathwe kalula.

Nomqeqeshi weBafana, uHugo Broos uyakwazi lokhu. Ekuqaleni kwesonto uthe uzobophela iqembu eliqine kulo mdlalo. 

La maqembu womabili azohlangana ePeter Mokaba Stadium ngoLwesihlanu kanti umdlalo uzoqala ngo-6 ntambama.